KUVALIWE ukuthuthwa kwemfuyo eMpangeni, oLundi naseVryheid, kuhlasela amatele kulezi zindawo.
Lesi sifo sike sahlasela ezindaweni eziningi kulesi sifundazwe nyakenye njengoba sesibuyile futhi.
UMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal, uthe zimbili izigameko zalesi sifo eziqinisekisiwe; esaseMpangeni nesaseVryheid, esesithathu sasoLundi sisaphenywa.
UMphathiswa walo mnyango, uMnuz Super Zuma, uthe ukuhamba kwemfuyo isuka kwezinye izindawo iya kwezinye yikho okuyimbangela yokuthi kubuye lesi sifo eKZN ngoba imfuyo enalesi sifo ihlangana nengenaso bese iyayithelela.
"Kuzo zombili izindawo ezinobungozi obukhulu neyodwa enobungozi obuncane, sekubanjwe imihlangano nobuholi bendabuko, izinhlangano zemfuyo, abalimi, abahweba ngemfuyo kubo bobathathu omasipala," kusho uZuma.
Uthe kusukela kubikwe isigameko sokuqala, umnyango uqinise izinhlelo zokugoma, waqala ukusebenza ngokuqapha okuqhubekayo ngempilo yezinkomo.
Uqhube wathi uyethemba ukuthi ososeshini bezifundazwe namakomiti azokwenza isiqiniseko sokuthi bonke abafuyi abangamalungu nabangewona amalungu bayayigoma imfuyo yabo ukuze kunqandwe ukusabalala kwalesi sifo.