KULINDELEKE ukuthi kube mhlophe izinkalo uma amakholwa ebandla iNazareth Baptist Churst elidume ngokuthi ngelakwaShembe eseqala uhambo lwawo olubheke ezintabeni eziyingcwele iNhlangakazi neKhenana.
UMasipala waseNdwedwe uthe umi ngomumo ukwamukela izinkumbi zamakholwa amaNazaretha ngalesi sikhathi senyanga yawo yokuzila, eyingcwele.
Lo mkhandlu uthe kuwuthathe isikhathi eside uzilungisela ubambisene namaphoyisa, iminyango kahulumeni eyahlukene, uMasipala iLembe noweTheku.
Kulezi zingxoxo abaseNdwedwe bathi bezikhona izithunywa ebezimele izinhlangothi ezine zaleli bandla okuyisekuPhakameni, Buhleni, Thembezinhle neGinyezinye.
IMeya yaseNdwedwe, uMnuz Samuel Mfeka, ithe abaseKuphakameni bazokuba seNhlangakazi kusukela ngoJanuwari 2 (izolo) kuze kube wuJanuwari 9.
Kubikwa ukuthi kuzobe sekulandela abaseGinyezinye abahlelelwe ukuba seNhlangakazi kusuka ngoJanuwari 9 kuze kube uJanuwari 13.
Kulindeleke ukuthi ngoJanuwari 13, uhlangothi lwaseThembezinhle luqale uhambo lwalo olubheke eNhlangakazi, bahlale khona baze behle ngoJanuwari 16.
UMfeka uthe uhambo lwabaseBuhleni, olubheke entabeni eKhenana, luzoqala entathakusa namuhla. Kulindeleke ukuthi babe kuyona kuze kube wuJanuwari 23.
“Ithimba esilibumbile elibhekele izinhlelo zokukhuphukela entabeni eyingcwele yamaNazaretha lizoqhubeka nomsebenzi kuze kube sekupheleni kukaJanuwari. Lizoqinisekisa ukuthi amakholwa abhekelwa ngezokuphepha, amanzi nakho konke okunye okudinkekayo,” kusho uMfeka.
UMfeka ufisele amaNazaretha uhambo oluhle nenyanga eyingcwele. Ungeze ngokuthi sengathi kungahlale kuheleza umoya wobumbano nokuzwana kumaNazaretha.
Ucele amakholwa ukuba angagudluki ezimisweni zomsunguli weBandla lamaNazaretha, uMphrofethi Isaiah “uMqaliwendlela” Shembe.
“Iwona mkhosi okwazi ukuhlanganisa abantu abevile esigidini esikhathini esiyinyanga eNdwedwe. Ubaluleke kakhulu ngokwenkolo, kwezomnotho nasemkhakheni wezokuvakasha. Sizoqhubeka nokuthi siphucule indlela eseseka ngayo lo mkhosi, ukuze udlondlobale,” kusho uMfeka.