KUPHAZAMISEKE ukusebenza kuMasipala iRay Nkonyeni abasebenzi bebasela imali abayikweletwa umkhandlu.
Abasebenzi bomkhandlu bathe bazoqhubeka nombhikisho wabo baze bakhokhelwe imali abayikweletwayo baphinde banyuselwe nemiholo.
I-SA Local Government Bargaining Council (SALGBC) yanquma ukuthi uMasipala iRay Nkonyeni kufanele unxephezele abasebenzi bawo ngenxa yokuthi bahola imali engaphansi kwaleyo okufanele engabe bayayihola.
Esinqumweni esakhishwa ngoSepthemba, iSALGBC yaphinde yayalela umasipala ukuba unyuse imiholo yabasebenzi abathintekayo.
Kepha kuze kube manje abasebenzi abakaze bakhushulelwe imiholo, futhi abakaze basithole nesinxephezelo.
Ngokwesinqumo seSALGBC, abasebenzi baseRay Nkonyeni kwakufanele banyuselwe imiholo isuke esigabeni sesine iye kwesesihlanu ngesikhathi kuhlanganiswa uMasipala waseZinqoleni nowaseHibiscus, ngo-2016.
ISALGBC yanquma ukuthi umasipala kufanele unxephezele abasebenzi ngomholo wezinyanga eziyisithupha bese benyuselwa imiholo kule nyanga.
Omunye wabasebenzi abebebhikisha, uMnuz Bongani Gcaba, uthe bashaqeke baphela ngesikhathi kungena imiholo yabo yale nyanga.
“Sasilindele ukuthi sizothola imiholo esifanele, kodwa kwavele kwangena yona le mali esijwayele ukuyithola. Ingakho ke namhlanje sithathe isinqumo sokuthi sihlangane, bese siyofuna izimpendulo ebuholini bomkhandlu.”
UGcaba usole imenenja kamasipala, uMnuz Khetha Zulu, ngokwenqaba ukubanxephezela.
“Ubuholi bomkhandlu bathatha isinqumo sokuthi kufanele sikhokhelwe imali yethu. Kwaze kwaba nomhlangano womkhandlu lapho kwavunyelwana ngokuthi kufanele sikhokhelwe. Sathuka emva kwalokho sesizwa kuthiwa uZulu uthe uzosiphonsela inselelo isinqumo esithi kufanele sithole isinxephezelo.”
UGcaba uthe bazoqhubeka nombhikisho wabo baze bathole izimpendulo.
Okhulumela uMasipala iRay Nkonyeni, uMnuz Simon April, uthe ubuholi bomkhandlu buzoxoxa nabasebenzi abatelekile.
U-April uthe kunesivimbelo senkantolo esinqanda umasipala ukuba ukhokhe isinxephezelo noma ukhuphulele abasebenzi imiholo.
“Imenenja kamasipala yaya enkantolo yayothola isivimbelo ngoba ifuna ukuphonsela inselelo isinqumo esithi abasebenzi kufanele bakhokhelwe isinxephezelo nokuthi kufanele banyuselwe imiholo.”