KUPHITHENE amakhanda emndenini wakwaGwala eMariannhill, zima nse izinhlelo zokungcwaba isaguga sakhona emva kokuthi elinye ilungu lomndeni linqwahe nomazisi kamufi.
Kuthiwa ugogo, uNkk Ignacia Gwala ushone ngoDisemba 31 emva kokugula iminyaka elinganiselwa ku-14.
Indodakazi yakhe, uNkk Nonhlanhla Phungula nomfowabo, uMnuz Nkosinathi Gwala bakhala ngokuthi omunye udadewabo, uNkk Mpume Mnqotho ushaye wachitha nomazisi kamufi ezinsukwini ezimbalwa eshonile.
UNkk Phungula uthi udadewabo wakhe itulo lokuthatha umazisi kamufi, ngokuthi ayobikela amaphoyisa ukuthi ubulelwe ngoshevu, akashonanga ngokugula.
“Afikile amaphoyisa ngoJanuwari 1 ehamba naye udadewethu, afike acela ubaba (82) ukuthi awanike umazisi kamama ukuze ezokwenza ikhophi ezoyiswa emakhazeni kahulumeni lapho kuzofike kuhlolwe khona isidumbu, kucaciswe ngalezi zinsolo,” kusho uNkk Phungula.
Uthe esikhundleni sokuthi awubuyisele kuyise umazisi kamufi, awunike udadewabo, ongabange esabuya kubo, okungasaziwa nokuthi usehlalaphi.
Uthe ngesikhathi belandelela ukuthi kwenzeke kanjani lokhu, iphoyisa ebelikhona ngesikhathi kulandwa umazisi libatshele ukuthi liwunike udadewabo umazisi, lazihlangula lathi, uthembise ukuthi uzowubuyisa yena umazisi, licela ukukhishwa kulolu daba ngoba wolomndeni.
Uthe ngasekuqaleni kwesonto eledlule, bahambe baya emakhazeni azimele lapho obekugciwe khona isidumbu sikanina, kodwa bathola ukuthi amaphoyisa asenze amalungiselo okuthi asithathe siye kwawahulumeni ukuthi sihlolwe.
“Yilapho esithole khona nokuthi uMpume kukhona icala aselivulile emphoyiseni, lokuthi umama ubulewe akashonanga ngokugula,” kusho uNkk Phungula.
Uveze ukuthi bathe uma beya emakhazeni kahulumeni asePinetown ngoLwesine, lapho isidumbu sikanina sesigcinwe khona, bathola ukuthi asikaqalwa ukuhlolwa ngoba kuthiwa kufuneka umazisi, hhayi ikhophi.
Uphinde waveza nokuthi kwenzeka konke lokhu nje ukhona uyise, naye osebonakala entekenteke ngenxa yokukhathazwa wukungazi ukuthi zizoqhubeka kanjani izinhlelo zokufihla inkosikazi yakhe.
UGwala (Nkosinathi )utshele Isolezwe ukuthi ngoLwesihlanu bagcine bethola incwadi enkantolo ephoqa uNkk Mnqotho ukuthi abuyise umazisi kamufi kodwa manje abazi ukuthi bazomthathaphi.
“Asisayazi kahle indawo esingamthola kuyo eqondile njengoba ehambe ekhaya (lapho abehlala khona nomyeni wakhe) emva kokushona kukamama,” kusho uGwala.
Uthe baye bathi uma sebezwile ukuthi usesipotini esithile, baphuthume khona, kodwa bafike bathole ukuthi usebuye washaya utshani.
“Sididekile ukuthi yini enye okufanele siyenze. Sizame yonke indawo ukufuna usizo kodwa akwenzi mehluko. Yonke le nto eyenzekayo iyasihlukumeza emoyeni, ikakhulukazi ubaba, naye osemdala. Kubuhlungu ukuthi naye uzithola esesimweni lapho engakwazi khona ukungcwaba inkosikazi yakhe,” kusho uGwala.
Baveze ukuthi basola ukuthi udadewabo ufuna ukufaka isicelo sikamasingcwabisane abezwa kuthiwa ubewudlalela unina. Bathe ngokwezinhlelo zabo, umufi bekufanele angcwatshwe izolo.
Ethintwa Isolezwe uNkk Mnqotho, uvele wadinwa wathelwa ngamanzi, waphendula wathi ngaphambi kokuthi avale ucingo: “YiSolezwe laphi lona lelo elingifonelayo? Niyazithanda izindaba zemizi yabantu. Anihlukane nami phansi.”
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa aKwaZulu-Natal engaphendulanga i-email ayithunyelwe ngoLwesine nayizolo, ebibuza ngecala elivulwe eMariannhill emva kwezinsolo zokuthi uNkk Gwala ufe ngokudliswa ushevu.