SIPHINDE selulwa isikhathi semihlangano yamagatsha e-ANC yokuphakamisa abaholi abazongenela umbango wezikhundla engqungqutheleni yangoDisemba.
Sekuzovalwa ngoNovemba 7 ukuhlangana kwemihlangano yamagatsha.Isinqumo sokululwa kwesikhathi semihlangano yamagatsha sithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu obungeledlule.
Imihlangano yamagatsha bekufanele igcine izolo kepha sabuye salulwa isikhathi ngenxa yokuthi amagatsha amaningi awakayenzi imihlangano yawo.
Akusikho okokuqala selulwa isikhathi njengoba kwakufanele kuvalwe ekuqaleni kwale nyanga.
Izindaba zokululwa kwesikhathi semihlangano yamagatsha ziqinisekiswe wokhulumela i-ANC kuzwelonke, uMnuz Pule Mabe.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba, uMabe uthe imihlangano eminingi kayizange yenziwe ngempumelelo ngenxa yezinkinga, okubalwa kuzo ukuphazanyiswa wukunqanyulwa kukagesi okuholele ebuhixihixini bobuchwepheshe obusetshenziswa emihlanganweni yamagatsha.
Kusukela kwavulwa ithuba lemihlangano emagatsheni e-ANC, izwe belilokhu liphuma lingena ngaphansi kwezigaba ezahlukene zokucishwa kukagesi.
“Ubuchwepheshe obusha obusetshenziswa emihlanganweni ye-ANC budinga i-network ukuze busebenze. Uma ugesi ungekho, i-network kayibi bikho. Lokhu kusho ukuthi ubuchwepheshe bethu abukwazi ukusebenza. Amagatsha amaningi agcine engakwazanga ukuba nemihlangano yawo.”
UMabe uthe kunenqwaba yemihlangano yamagatsha egcine ichithwa ngenxa yobuhixihixi obudalwe wukuhamba kukagesi.
“Akhona amagatsha ayenzile imihlangano yawo kepha leyo mihlangano igcine ichithwa ngenxa yobuhixihixi bobuchwepheshe obusetshenziswayo. Lokhu kudale ukudideka ebaholini bamagatsha ngoba ngasohlangothini lwabo bazi ukuthi imihlangano yabo yaba yimpumelelo.”
UMabe unxuse wonke amagatsha ukuba asebenzise ithuba elivuliwe ukwenza isiqiniseko sokuthi imihlangano yawo iyenziwa.UMabe uthe emva kokuvalwa kwemihlangano yamagatsha kuzovulwa ithuba lezikhalo.
“Labo abanezikhalo bazoba nethuba lokuzwakalisa izikhalo zabo.”UMabe uthe kabalindele ukuthi zibe ningi izikhalo.
“Ubuchwepheshe obusha esibusebenzisa emihlanganweni yamagatsha yibona obunciphisa izikhalo. Uma kukhona umuntu ozama ukwenza into engalungile, ubuchwepheshe busheshe bumcebe. Njengoba silandele yonke imigomo, kasilindele ukuthi kube nezikhalo eziningi.”
I-ANC inamagatsha abalelwa ku-4000, okufanele enze imihlangano yawo.Ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC izokuba ngoDisemba.