KUKHONA ubufakazi inkantolo esabuqoqa mayelana necala likathisha okuthiwa wadlwengula umfundi ophila nokukhubazeka, wagcina engayanga eMkhosini woMhlanga owawesesigodlweni eNyokeni, kwaNongoma ngenyanga edlule.
Lo thisha okuthiwa ufundisa kwesinye sezikole esiseThekwini, kuthiwa wadlwengula umfundi ophila nokukhubazeka emagcekeni esikole esigamekweni okuthiwa senzeka ngo-Agasti.
Izolo ngesikhathi uthisha evele enkantolo kuvele ukuthi kunobufakazi obuwukhiye okusamele inkantolo ibuqoqe ukuze icala liqhubeke.
Lokhu kudalulwe yiMantshi elingatholakalanga igama layo."Kunobufukazi obubalulekile kakhulu obuthinta leli cala okusamele buhlanganiswe. Ngeke sikwazi ukuthi siqhubeke lobu bufakazi bungakahlanganiswa ngendlela efanele,'' isho kanje iMantshi.
Icala libe selihlehliselwa uNovemba 20 nonyaka. IMantshi ithe iyethemba ukuthi ngaleso sikhathi lobu bufakazi obudingekayo buyobe sebuhlanganiswe bonke.
Ngesikhathi uthisha evela ngenyanga edlule kwaba khona ababebhikisha ngaphandle kwenkantolo bekhononda ngothisha. Kwabakhona nabagonyuluka badalula ukuthi lo thisha wadlwengula namadodakazi abo.
Bafunga bagomela ukuthi lolu daba lwakhe bazolusukumela. Nayizolo bebekhona bebhikisha.
Omunye wabazali uthe bahlela ukuyovula amacala sebe bonke ngoba kukhona abanye abazali abasabalindile abasebenza ngaphandle kwesifundazwe.
"Sifuna ukuthi uma sesiyovula lawa macala kube yinto enesisindo futhi kucace ukuthi sibaningi esimvulela wona,'' kusho lo wesilisa.
Umzali kamgilwa uthe ukhathazekile ngokuthi luhamba ngonyawo lonwabu icala. Uthe okusenhliziyweni yakhe ukuthi ufuna ukubona leli cala liqulwa ukuze uthisha ezothola isigwebo esimfanele.
"Ukukhuluma iqiniso nje angijabulile neze ngendlela leli cala elihamba ngonyawo lonwabu ngakhona. Mina ngifuna ukubona liqulwa ebese eyagwetsha lo muntu ozibiza ngokuthi unguthisha,'' usho kanje.
Kunenkulumo eqoshiwe lapho okukhuluma khona iphimbo okukholakala ukuthi ngelikathisha encenga khona umfundi.
"Ngiyakucela phela we..... (emgagula ngegama umgilwa) ungaluvezi lolu lokuthi ngilale nawe. Phela mntanami uma wenze kanjalo uzongiphelela umsebenzi wokuba nguthisha bese kulamba umndeni wami,'' lizwakala kanje leli phimbo.