KULIMALE umshana kuphinda kuhlaselwa emzini wekhansela elihlaliswe lubhojozi ngabantu abahlasela amalungu omndeni walo.
UNksz Nokwanda "Ncanyana" Zungu ulimale kanzima ngesikhathi ehlaselwa ngamadoda abefuna umalumekazi wakhe, uNkk Nonhlanhla Zungu, oyikhansela kuMasipala waKwaNongoma nakuMasipala wesiFunda iZululand.
UNcanyana uthunjwe ngamadoda angaziwa ngoLwesihlanu ebusuku, amyalela ukuthi awakhombise lapho kucashe khona uNkk Zungu.
Amthumbe nezingane zakhe ezimbili, eneminyaka emithathu neneminyaka eyisikhombisa.Kuthiwa la mdoda abehamba emqongqotha ngesibhamu, aye naye kubo kaNkk Zungu.
Kuthiwa abenenkolelo yokuthi uNkk Zungu akasalali emzini wakhe, uselala kubo kwaSibiya ngenxa yokwesabela impilo yakhe.
Echaza ngesigameko, uNkk Zungu uthe senzeke ngesikhathi kusahambe ugesi.
"Ngisola sengathi bebewunqamule ngamasibomu ugesi ngoba kwezinye izindawo bekukhanya, ilana ngakuthina kuphela lapho bekungakhanyi khona. Ngibone izithunzi ezimbili egcekeni. Akuphelanga isikhathi esingakanani emva kwalokho ngezwa sekusuka umsindo.
"Ngithe uma ngiphuma ngezwa kuthiwa sebemthathile uNcanyana. Kuthiwa bathe akayobakhombisa kwaSibiya lapho kulala khona uMaSibiya (uNkk Zungu). Yonke le nto yenzeka nje kumnyama, asikwazi nokubona kahle. Bamshaye waze wabomvu. Namanje usebomvu njengoba ngikhuluma nawe."
UNkk Zungu uthe kusize ukungenelela kwabaqaphi beMeya yakwaNongoma, uMnuz Mshangane Ndabandaba namalungu omndeni.
"UNcanyana uze wakwazi ukuthola ithuba lokuphunyuka ngesikhathi sekufika abaqaphi bemeya."
UNkk Zungu uthe isimo sikaNcanyana asisihle."Simphuthumise esibhedlela kodwa bafike bamdedela. Akadlile nokudla."
Leli ilungu lomndeni lesithathu ukuhlaselwa ngabantu abafike babuze uNkk Zungu.
Ngeledlule, kuhlaselwe indodana kaNkk Zungu, uMnuz Vusumuzi Zungu, isesangweni lomuzi kaNkk Zungu.
La madoda ashaye uVusumuzi athi akawakhombise uNkk Zungu.
Ngenyanga eyedlule, kudutshulwe indodana kaNkk Zungu, uMnuz Phelelani Zungu, isesangweni lomuzi kaNkk Zungu.
UNkk Zungu uthe akasazi ukuthi kufanele enzenjani njengoba kulokhu kuhlaselwa emzini wakhe.
"Angazi ukuthi kufanele ngilale kuphi manje, ngididekile. Sengifisa ngisho nokuthi kungenelele uhulumeni kazwelonke."
UNdabandaba uthembise ukuthi bazohlinzeka uNkk Zungu ngabaqaphi.
"Lesi isigameko esithi asiphinde sifane nezedlule. Sizobiza umhlangano womkhandlu oyisipesheli lapho sizothatha khona isinqumo sokuthi sihlinzeke uNkk Zungu ngabaqaphi ngoba kukhombisa ukuthi kukhona isandla semfene esifuna ukumlimaza."
USotswebhu weNFP eZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela, unxuse ukuba uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi noNgqongqoshe wezokuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ukuba babize umhlangano wekomiti lamaqembu ezepolitiki elasungulelwa ukukhuza udlame lwezepolitiki.
UNtombela uthe leli komiti sekuphele unyaka lingakaze lihlangane ekubeni kuqhubeka ukubulawa kwamakhansela.
Kunezinsolo zokukuthi lezi zigameko yimizamo yokusabisa amakhansela kulandela umbango wobuholi kumasipala owawuholwa yi-IFP wagcina uthathwe yi-ANC neNFP ngokubambisana.