KUDALEKE isinyokotho kuvalwa umgwaqo omkhulu uMalandela elokishini KwaMashu ngenxa yesigameko sokugetshengwa kwemoto yemali.
Ngo-6 ekuseni ngoLwesithathu, abezimo eziphuthumayo banikele kulo mgwaqo ngemuva kokuthola umbiko wokuthi kugetshengwe imoto yemali.
UKyle van Reenen utshele abezindaba ukuthi kusetshenziswe imoto encane ukushayisa imoto yemali anduba iqhunyiswe.
“Bathathu abantu abalimele, balashwa endaweni yesigameko base bephuthunyiswa esibhedlela,” kusho yena.
Amaphoyisa asendaweni yesigameko njengoba seluqalile uphenyo khona kule ndawo. Kuvalwe imigwaqo ehambela ngakule ndawo kusuka ejikeni likaQueen Nandi.
Amalungu omphakathi anikele ezinkundleni zokuxhumana aphawula kanje:
Zilungile Mtimkulu: “Leli zwe seliwile vele umnotho walo kophela lo nyaka sidlana sodwa, bayengeza abantshontsha imali phezu kwale ngcindezi esiphezu kwayo yokubiza kokudla, ukukhuphuka kukaphethroli. Hhay bakwethu lafa nje laphela ezandleni zikaRamaphosa izwe sibhekile.”
Mbawula Shabalala: “Izolo nathi eFolweni sizwe ngamabhomu kanti ababhemu babhomba imoto yemali.”
Bongumusa Msomi: “Kahlehle lezi impawu zokuvukela umbuso. Umhlaba uyabuka . Ubani lo ongazotshala imali zakhe eNingizimu Afrika uma kunje?”🤷🏽♀️
Slindo SaseSuku: “Ngisola indlala nokuntuleka kwemisebenzi nxese kwabalimele, halala 🎉 kwabathole imali.”