KULIMALE kanzima abantu abangu-11 ngesikhathi itekisi lishayisana mahlanze nemoto encane emgwaqweni u-Edendale, eMgungundlovu ngeSonto.
UMnuz Russel Meiring wakwa-ER24 uthe ngesikhathi befika lapho kwenzeke khona ingozi bathole itekisi nemoto encane phakathi komgwaqo.
Abagibeli batholwe bediyazela eduze kwetekisi abanye begcwele emgwaqweni.
“Abasebenzi bezimo eziphuthumayo baxilonge abantu bathola ukuthi abangu-11 balimele kanti abanye banikwe usizo oluphuthumayo base bedluliselwa ezibhedlela iNorthdale ne-Edendale eMgungundlovu,” kusho uMeiring.
Uthe okwamanje ayaziwa imbangela yengozi kwazise amaphoyisa asaphenya.
Kwesinye isehlakalo kulimale ugogo nomzukulu wakhe ngesikhathi bewelwa amagatsha esihlahla eMbilo, eThekwini.
UMeiring uthe ugogo nomzukulu bebezihambela emgwaqweni uMbilo ngesikhathi bewelwa amagatsha esihlahla.
“Abasebenzi bezimo eziphuthumayo bathole ukuthi ugogo nomzukulu balimele kanzima. Babanike amaphilisi ezinhlungu, babhandishwa ugogo waphuthunyiswa eKing Edward VIII. Umzukulu uyiswe esibhedlela esizimele lapho elashelwa khona ukulimala,” kusho uMeiring.