KUGQUGQUZELWE amadoda ukuthi aziqhelelanise nezigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Lokhu kugqanyiswe emcimbini wawo wokucobelelana ngolwazi, i-Amatyma International Men’s Day obusePlatinum Belt Lounge, eMhlanga, ngoMgqibelo.
Umsunguli wawo ongusomabhizinisi uTT Mbha, ukhuthaze amadoda ukuthi azibophezele ekulweni nalesi sihlava.
“Ngifuna nisayine usomqulu wokuzibophezela ekulweni nalesi sihlava obizwa ngokuthi Amatyma Pledge. Sidinga kusayine amadoda angu-10 000 okuzothi uma sekuhlangene lesi sibalo, ngiwudlulisele kuMengameli Cyril Ramaphosa, ngiveze ukuthi nakhu enikushoyo njengamadoda.”
Uthe basebenzisa nenkampani ephisa utshwala kuleli i-South African Breweries (SAB), kwazise abakwaCarling Black Label banomkhankaso ofanayo obizwa nge-#No Excuse, olwa nalolu dlame.
UMnuz Nkanyiso Mncwabe oyi-Regional Commercial Director kwa-SAB, uthe okuvezwa wucwaningo ukuthi emva kwemizuzwana ewu-63, kunowesifazane oseshaywe ngowesilisa.
“Singabantu abadiniwe ngenxa yokuxakeka nangenxa yesimo sezezimali. Kuholela ekutheni abe maningi amadoda azibulalayo ngenxa yengcindezi. Mkhulu umsindo okhona ngezigameko ezenzeka uma umuntu esephuzile. Singaba nezimpendulo ekutheni abushintshi umqondo womuntu futhi abusho ukuthi umuntu uma esephuzile akahlukemeze. Kodwa yiqiniso ukuthi izigameko eziningi zokuhlukumeza zenzeka kunotshwala phakathi. Yingakho abakwa-Carling Black Label beqhuba umkhankaso kwazise wubhiya isikhathi esiningi ophuzwa amadoda.”
UPhilani Duma oyimenenja kwa-Santam, weluleke izethameli ngokusetshenziswa kwemali.
“Amadoda awanciphise ezintweni eziwumkhuba azikhonzile. Kunohlobo lwezikweletu ezinhle nezimbi. Ukuboleka imali ebhange ngoba ufuna ukuqala ibhizinisi elizokulethela inzuzo, ukuthenga umuzi ngezinye zezikweletu ezinhle. Ukuvula isikweletu sezinto zezimpahla zokugqoka nokuthatha imali ebhange ungazi ukuthi uzoyenzani, akukuhle.”
Uphinde waluleka ngokuthi kongiwe nasezinhlotsheni zezimoto okuhanjwa ngazo, nokuthi amadoda azihlele izincwadi zamafa kusenesikhathi.
Amadoda alulekwe nangokuhlelela umhlalaphansi kusasele isikhathi.
Ezinye izikhulumi ezishiyelane inkundla kulo mcimbi wokwabelana ngolwazi, uThulani Nzama wenkampani ethungisa amasudi, i-Suavity Collection, obeluleka ngendlela yokugqoka, umethuli wezinhlelo ze-TV, uWilliam Lehong, owaluleke ngesimo sengqondo.
Abesitolo sakwa-Clicks neSolezwe bebengabanye babaxhasi balo mcimbi.
U-TT Mbha ukhale ngokuhambela kude kwamanye amabhizinisi nohulumeni ukuxhasa imicimbi yamadoda.
Umlingisi u-Abdul Khoza noDuncan bebenandisa kanti uhlelo beluphethwe wu-Jay S’bu ongumsakazi kwi-East Coast Radio.