UMTHETHOSIVIVINYWA omayelana nokuthi ukudayiswa komzimba kube semthethweni kuleli noma ungaphasa ngeke uyishintshe imithetho yomasipala enqabela lokhu.
Ngenyanga edlule iKhabhinethi lakuleli ligunyaze ukuthi umphakathi wenze izethulo ngomthethosivivinywa ozokwenza ukuthi ukudayiswa komzimba kuleli kungabi yicala.
Ukwenziwa kwezethulo mayelana nalo mthethosivivinywa kuyavalwa kusasa.
NgoLwesihlanu inhlangano elwela ukuthi ukudayiswa komzimba kube semthethweni kuleli uma kwenziwa ngabantu abadala, iSisonke National Sex Work Movement in SA, ngokubambisana neSex Workers Education and Advocacy Taskforce (Sweat), ihlanganise izinhlangano ezehlukene ezenza umsebenzi ofanayo izikhuthaza ukuthi zibhale izethulo ngaphambi kokuthi kuvalwe.
Lo mthethosivivinywa uma uphasile uzoshintsha isigatshana 11 somthetho, iSexual Offences Act ka-1957, neSexual Offences and Related Matters eyachitshiyelwa ngo-2007, esithi ukudayiswa komzimba kuyicala kuleli.
Izinhlangano ezilwela ukuthi ukudayiswa komzimba kube semthethweni zithi ukufinyelela kulesi sigaba kukhombisa ukuthi kukhona umnyakazo okhona ngasohlangothini lukahulumeni njengoba sekunesikhathi lezi zinhlangano zilwela ukuthi kuvunyelwe ukudayisa umzimba okwenziwa ngabantu abadala kuleli ukuze kuvikelwe ukuhlukunyezwa nokubulawa kwabenza lo msebenzi.
UMnuz Eugen van Royeen weSweat uthe njengamanje umphakathi unxuswa ukuthi wenze izethulo ngalo mthethosivivinywa.
"Okusemqoka njengamanje wukwenza izethulo kodwa lokho akusho ukuthi uma lo mthethosivivinywa uphasa kuzobe sekulunge konke ngoba imithetho yomasipala, yona ngeke ishintshe ngoba omasipala nabo banemithetho ebalawulayo.
“Ukuphasa kwalo mthethosivivinywa kuzosiza nasekutheni abake baboshelwa ukudayisa umzimba amagama abo akhishwe ohlwini lwezigebengu ngoba njengamanje bathathwa njengabantu abayizigebengu.
“Uma sebefuna ukuwuyeka lo msebenzi, bekuba nzima ngoba kuvela ukuthi bake baphambana nomthetho," kusho yena.
UNksz Nokwanda Gambushe, wesiSisonke National Sex Workers Movement in SA, uthe sekunesikhathi eside izinhlangano ezilwela ukuthi ukudayisa umzimba kungabi yicala zilwa ngoba zikholelwa ukuthi kuyilungelo lakhe umuntu ukuthi adayise ngomzimba.
"Uma sesidlulile isigaba sokuthi abantu bethule izethulo, kuzobe kungasho ukuthi uhlelo seluphothuliwe kusenezigaba osazodlula kuzo ngaphambi kokuthi uphase kodwa lokhu kuyasijabulisa kakhulu," kusho yena.