UKUNCELISA ingane ibele uma ungumama osemncane akukwenzi ungabi sezintweni.
Lokhu kushiwo uMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane ngesikhathi ekhuthaza omama abasebancane ukuthi bancelise izingane zabo ibele. Lona ngumyalelo ohambisana nesonto lokugqugquzela omama ukuthi bancelise izingane ibele emhlabeni, iWorld Breastfeeding Week, eqale ngoLwesine ngeledlule ephela ngoLwesithathu.
"Nginxusa omama abancane ukuba bangaphuci izingane zabo inzuzo enkulu yobisi lwebele ngenxa yokwesaba ukuthi bangase babonakale sengathi abekho ezintweni noma badla ngoludala," kusho uMphathiswa.
Uqhube wathi izingane ezincela ibele kuphela izinyangeni eziyisithupha zokuqala (ngaphandle kokunikezwa amanzi, ubisi oluyimpuphu, olunye ubisi noma ukudla) zithola inzuzo eningi yezempilo ngoba ziba namasosha omzimba aqinile, zinamathuba amancane okuthi zihlaselwe izifo okubalwa kuzo isifo sokungaphefumuli kahle, ukutheleleka ngesifo sofuba / i-pneumonia, isifo sohudo, isifuba somoya, ukukhuluphala ngokweqile, noma isifo sikashukela utype1.
“Ubisi lwebele luqukethe yonke imisoco edingwa ngumntwana. Uma izingane zincela ibele kuphela amasosha azo omzimba ayaqina aphebeze izifo uma ziqhathaniswa nezingane ezincela ibhodlela noma olunye ubisi," kusho uMphathiswa.
Uphinde wanxusa omama abancelisa ibele, abanobisi oluningi ukuthi banikele ngalo ukuze basize izingane ezisengozini ezizalwe ngaphambi kwesikhathi nezigulayo kanye nomama abangakwazi ukuhlinzeka ngobisi olwanele lwezingane zabo ezilaliswe esibhedlela.
“Izibhedlela zethu eziningi zine-Human Milk Bank, ehlola, iqoqe, icubungule bese isabalalisa ubisi lwebele. Sicela abancelisayo ukuthi bakucabange ukunikela ngobisi lwebele, ukuze basize izingane ezingalutholi ubisi konina. Ngale ndlela bangasiza abampofu, futhi babanikeze isipho esiyigugu sempilo enhle, isipho sokuphila.” kusho uMphathiswa
Omama abangakwazi ukunikela ngobisi lwabo kwiMilk Bank, abangabhemi, abangaphuzi, abangasebenzisi izidakamizwa, abaphila kahle, abazimisele ukuhlolelwa iHIV, isifo sofuba, iHepatitis B, ugcusula nezinye izifo.
Izibhedlela ezinama-Milk Bank iPrince Mshiyeni Memorial, Addington, Grey’s, Victoria Mxenge (King Edward VIII), RK Khan, Ladysmith, Newcastle, Inkosi Albert Luthuli Central, Harry Gwala Regional, Port Shepstone, Queen Nandi Memorial, Murchison, General Justice Gizenga Memorial, Mahatma Gandhi Memorial neChrist the King.
Ezibhedlela iDr Pixley ka-Isaka Seme Memorial, Charles Johnson Memorial, Manguzi, Showe, neVryheid asakhiwa.