NKOSIKHONA CELE
UMELAPHI wendabuko wakwaMhlabuyalingana, ukhuthaza abesifazane ukuba bakukhuthalele ukuzihlanza ngemuva kwezinto ezifana nokuphuphunyelwa yisisu noma ukukhipha isisu uqobo.
UMnuz Mvelase wasePhelandaba, kwaMhlabuyalingana odume ngelikaShumi Lamakati, uthi baningi abesifazane ababhinjelwa yizinto ngenxa yokuhamba nesinyama esihambisana nokungazihlanzi.
UMvelase uthi njengoba kuyinyanga yabesifazane ukhethe ukuqhakambisa lezi zihloko ezinkulumweni zakhe azenza emisakazweni yomphakathi nakweminye imithombo efuze amakhasi akhe ezokuxhumana.
“Noma ungaphuzuzela kanjani kodwa uma uke wakhipha isisu noma waphuphunyelwa, awukwazi ukushiya kulenga nje, kumele kube khona okwenzayo ukuze uzihlanze,” egcizelela uMvelase.
Lo melaphi osezakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana uthi kunezinto okuthi uma abesifazane bezizibile zigcine seziphenduka ithunzi elimnyama kubona.
Uthe abanye abantu besifazane baba namahloni ukuhambela abelaphi bendabuko, kanti akumele kube njalo.
"Ayikho into umuntu wesifazane okumele azenyeze ngayo uma esukumela izinkinga zakhe. Wonke umuntu ophilayo ngaphansi komthunzi welanga kumele azisukumele izinkinga zakhe,'' usho kanje.
Uveze ukuthi bayadinga nokuhlanjululwa nalabo besifazane abashonelwa ngabayeni babo. Kodwa uthe lokho kumele kube umsebenzi owenziwa ngumelaphi owuqonda kahle umsebenzi wakhe.
Uveze nokuthi bakhona nabanye besifazane abangayitholi imisebenzi ngenxa yezinkinga zesinyama nemisamo yabo. Uthe akumele imbokodo yazi ukuthi ukuya kubalaphi akuchazi ukuthi kukhona okubi abasuke sebekwenza kodwa ukusukumela impilo engcono futhi engenazo izihibe.
Uthe abesifazane abazithola benezinkinga ezahlukene uyabakhuthaza ukuthi bangasondela kuyena abaxazululele.
UMvelase ujwayele ukuzwakala emsakazweni Igagai FM, ekhuluma ngezinto ezahlukene ezithinta indlela yokwelapha ngesintu nendlela yokusebenzisa amakhambi esintu ngendlela efanele.