UMASIPALA i-Alfred Duma eMnambithi, izolo uqale umkhankaso wokugqugquzela abafundi abasezindaweni ezisemkhaya ukuthi bathande umkhakha wezesayensi ngokwethula iNational Science week, emcimbini obuseDriefontein kuWard 19.
IMeya kaMasipala uMnuz Zama Sibisi, ithe ukushoda kolwazi nezobuchwepheshe balezi zifundo ezikoleni ezisemakhaya, kwenza abantu abasha basezindaweni ezisemakhaya basalele emuva kulo mkhakha oyikusasa emhlabeni wonke.
USibisi uthi njengomasipala bafuna ukuklama indima ekuqinisekiseni ukuthi babuyisa uthando lwesayensi kubafundi basemakhaya.
"Inkinga enkulu esibhekene nayo ezindaweni ezisemakhaya ukuthi sincane kakhulu isibalo sabantu abasha abenza izifundo zesayensi. Sifuna ukuthi kushintshe manje lokho kuvuleke ikhasi elisha,'' usho kanje uSibisi.
Uthe okudala ukuthi akuqaphele ukuthi bayidlanzana abafundi abenza lezi zifundo, ukuthi phambilini uke wawusebenzela uMnyango wezeMfundo.
Uthe umasipala ufuna ukusebenza kanzima ngenhloso yokuguqula lesi simo. Uthe ukholwa ukuthi nakanjani lokhu kuzokwenzeka.
Uzibophezele ekutheni abafundi bezikole ezahlukene zaseMnambithi, abayophuma phambili kwisayensi bayogixatshezwa ngemifundaze nendathane yeminye imiklomelo.
UMasipala kuleli sonto lesayensi, uzohambela izikole zakule ndawo uhambisana nabezikhungo zemfundo ephakeme, okubalwa iDurban University of Technology nezinye, befundisa kabanzi ngalezi zifundo. Bekhuluma ngemikhakha yesayensi ehlukene abantu abangangena kuyona.
"Sihlose ukuthi sakhe abantu abasha abakubeka phambili ukufunda. Sifuna kodwa ukuthi kube ngabantu abasha abangesabi ukwenza izifundo zeScience,'' usho kanje.
Uveze ukuthi bawu-200 abafundi bakule ndawo abahlomule ngemali yokubhalisela ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Ngonyaka ozayo ufisa ukuthi isibalo sinyuke sifinyelele kwabangu-300. Lokhu uthe bazohlezi bekwenza ngoba bayibeke eqhulwini imfundo kulo mkhandlu.
UDkt Myalo Sabela obevela eDurban University of Technology (DUT) ukushayele elikhulu ihlombe ukutshalwa kothando lwesayensi kubafundi.
Uthe akangabazi nakancane ukuthi lokhu okuhlwanyelwa umasipala waseMnambithi, kuzohluma ngokuhamba kwesikhathi.
"Ngeke nizisole ngokukhuthaza abafundi ukuba benze izifundo zesayensi,'' usho kanje uDkt Sabela.
Umfundi u-Andile Hadebe wesikole sakule ndawo Ingula High ubonge umasipala ngokukhuthaza abafundi basemakhaya ngezifundo zesayensi.