UMNDENI wowesifazane obulewe, isidumbu sakhe saphonswa ethoyilethi, ukhala ngokuzithela ngabandayo ekubopheni umsolwa kwamaphoyisa aseZinqoleni, ePort Shepstone.
Sitholakale ngoLwesihlanu, esigodini eNkulu, eZinqoleni, sisongwe ngengubo yokulala saphonswa ethoyilethi lomgodi isidumbu sikaNksz Phindile Ntobela (47).
Kuboshwe uMnuz Thembokwakhe Hlongwa, wabekwa icala lokuthumba nelokubulala. Kuthiwa umufi wayekade ependa kubo, kwafika uHlongwa wamthatha ngenkani wahamba naye kubuka amalungu omndeni.
Lo mndeni uthe umufi wanyamalala ngoDisemba 19, kusukela lapho ugqigqa emaphoyiseni eZinqoleni. Kuthiwa amaphoyisa agcina ethatha uHlongwa ngoDisemba 27, ayomphonsa imibuzo aphinde amdedela.
UMnuz Thembelihle Ntobela ongumfowabo kamufi, uthe amaphoyisa aseZinqoleni, abengasabanaki uma befuna usizo, ethi uHlongwa waphenywa futhi uyaphika, uthi akuyena owabulala umufi.
UNtobela uthe waze waya esiteshini samaphoyisa iPaddock, okuyiwona athatha uHlongwa amphonsa imibuzo, wagcina eboshiwe.
“Kuwuhlukumezile umndeni okwenziwe ngamaphoyisa aseZinqoleni edembesela ukubopha lo muntu phezu kokuba sawanikeza ulwazi. UKhisimusi noNcibijane asikudlanga nhlobo ngoba sasiphansi phezulu sithungatha udadewethu,” kusho uNtobela.
UHlongwa uvele izolo eNkantolo yeMantshi yaseZinqoleni, icala lahlehliselwa ku-Ephreli 24, ukuze athole ummeli. Kuthiwa ubeqale wayidikila ibheyili wabuye washintsha umqondo.
Amalungu omphakathi abebhikisha ngaphandle kwenkantolo ephethe izingqwembe ebezinemibhalo elwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nasezinganeni nokuthi umsolwa ancishwe ibheyili.
Amalungu athi kawafuni nokumbona emphakathini uHlongwa abathi uyingozi. Elinye lamalunggu omphakathi ebelisenkantolo, uMnuz Ronnie Khomo, lithe kuzwakale iphunga elibi ebelivela ethoyilethi kwabikelwa amaphoyisa.
UKhomo uthe kufike amaphoyisa atakulayo, angene ethoyilethi avuka nesidumbu sikaNksz Ntobela.
“Siwumphakathi siphatheke futhi sishaqekile ngesigameko sale ndoda edabuka esigodini KwaNyuswa, nakhona kubikwa ukuthi yahamba kungekuhle. Le ndoda ifike eNkulu izogada umuzi njengoba isigila le migilingwane. Isehlo esifuze lesi sidala isimo sokungabi kahle nozinzo emphakathini,” kuchaza uKhomo.
UKhomo uthe sekukaningi abantu bebulawa kungaziwa ukuthi babulawe ngobani yingakho umphakathi ufuna abhadle ejele.
Amaphoyisa abengakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona ngalolu daba.