KULINDELEKE ukuthi kuphume nesinedolo namahlanje emkhulekweni woMkhonto Wesizwe Party (MKP) ozoba setendeni elikhulukazi e-24 Kolling Street, eThekwini namahlanje.
Kulo mkhuleko okuzobe kuhlangene abamabandla ehlukene kuzotheleka nomengameli weMKP, uMnuz Jacob Zuma.
Umgqugquzeli wawo uPastor Muntuza Majola oyilungu leMKP lokuqina, uthe kulo mkhuleko bazobe bezokhulekela ukhetho olunokuthula nomengameli weMKP.
“Sihlanganise wonke amabandla ezenkolo ukuzokhuleka kanyekanye. Ngaphandle kwawo kukhona nabelaphi benadabuko abehlukene, amakhosi ehlukene noNdlunkulu abaqinisekisile ukuthi bayeza namhlanje. Inhloso yomkhuleko ukuthi kube nokhetho olunokuthula. Ngokukhethekile sizokhulekela uMengameli Jacob Zuma nomndeni wakhe. Siphinde sikhulekele ngokukhethekile isifundazwe iKwaZulu-Natal, iGauteng ne-Capetown okuyizifundazwe ezinkulu bese sibhangqa nezinye,” kusho uPastor Majola.
Uthe kuvumeleke wonke umuntu ukuthi abe yingxenye yalo mkhuleko futhi kuzobe kungenwa mahhala. Umkhuleko uzoqala manje ekuseni kuze kushone ilanga.
Abazobe bephethe uhlelo kuwona uS’boniso Ngubane noPastor Thomas Hadebe. Izikhulumi kukhona uMbhishobhi BM Buthelezi, Pastor LG Shangase, uSolwazi onguMbhishobhi omkhulu uV Gama, uMfu PS Mathe, uMbhishobhi LD Nkgadima, uRAS Nkanyiso Dlamini, uMfu Mpungose, uMfu T Mathe, uMbhishobhi S Sibisi, uMzimbokhalimali Dlamini, uDkt MN Lukele, Dkt Tamarah Shange, uMphostoli ST Mkhize, uPastor ST Mkhize, uPastor LF Nzimande, uPastor Ka-Mthobisi Mchunu, uMdikoni Fikile Khuzwayo, Acharya Shyam Ramanuj, uVisvan Ready noPearl Gasa ongumholi wophiko lwabesifazane lweMKP. Kwabazonandisa.
Kubaculi kuzonandisa iThe Unity Apostolic Church in Christ, Mlindeli Nkomo, Sbuh Mkhwanazi, Phumloo Mahlaba, Abanqobi nabanye.
UMengameli Jacob Zuma uzoba yisikhulumi sosuku kulo mkhuleko.