IJACOB Zuma Foundation eyengamele izindaba ezithinta owayengumengameli wakuleli uJacob Zuma ithe sekuya ngokwamagama enkehli.
Le nhlangano iveze ukuthi uZuma uzozishushisela yena umshushisi woMbuso uBilly Downer futhi yaveza nokuthi uzovulela intatheli yeNews24 icala lokushicilela imininingwane kaZuma eyimfihlo.
Ngokwencwadi ephanyekwe ezinkundleni zokuxhumana, le nhlangano isola uKaryn Maughan ngokushicilela imininingwane eyimfihlo mayelana nokugula kukaZuma.
Ngonyaka odlule iNews24 yashicilela imininingwane yokugula kukaZuma eyayiyingxenye yamaphepha afakwa enkantolo.
INPA ikuqinisekisile ukuthi ithole amasamanisi ngoMsombuluko abhekiswe ku-Advocate Downer ngokuphula isigaba 41(6) somthetho weNPA omayelana nokudalula ulwazi oluyimfihlo.
“INPA nobuholi bayo imeseka ngokuphelele u-Advocate Downer futhi ikholwa wukuthi lezi zinsolo kazinasisekelo.
“Lezi zinsolo zenzelwe ukumsabisa njengoba engumshushisi kaMnuz Zuma futhi yitulo lokubambezela icala,” kusho iNPA ngesitatimende.