KHETHA SANGWENI
OWAYENGUMENGAMELI uThabo Mbeki uthe kukhona abasemkhankasweni wokuguqisa izikhungo ezimqoka kuleli nokuyibona ababhebhezela inkinga kagesi.
UMbeki ubekhuluma esithangamini senhlangano iThabo Mbeki African School of Public and Internationala Relations.
Uthe kukhona abantu abenza ngamabomu ukuthi izinto zingahambai kahle.
“ UBrian Molefe wumngani wami omdala, angazi noma usewuyena yini namanje. Waqokwa ukuthi aphathe i-Eskom, waqeda nya ngenkinga yokucima kukagesi iminyaka emithathu. UBrian nethimba lakhe bafike bayibamba inkinga ngoba babenza okufanele,’’ kusho uMbeki.
UMbeki uthe akuyona kuphela i-Eskom ebihlaselwa kodwa kwakwenziwa okufanayo naseSARS eyaguqa ngamadolo ngesikhathi sikaMnuz Tom Moyane. Uthe ubufakazi balokho busembikwe wekhomishini kaNugent olibeka ngembaba elokuthi kukhona ababehlose ukuqeda ngeSARS.
Uthe ngisho izikhungo zokushushisa kade zithithibalisiwe ngamabomu phambilini futhi kwakubonakala ngokuthi abenza inkohlakalo bazicanasele nje.
Uthe zonke lezi zinto kufanele zixoxwe enhlanganweni ebusayo iziqonde kabanzi. Uthe owayengumengameli uMnuz Nelson Mandela wake waxwayisa ngokuthi i-ANC isijoyinwa abantu abangafanele abeze ngoba bebona intuba yokungena kuhulumeni bawuphundle imali.