ABASE-CLOVER bamemezele ukuthi bakhiphe i-peanut butter i-Go Nuts emashalofini ngemuva kokuthi kutholakale ikuthi inesikhutha (i-aflatoxins) esingaphezulu kwesivumelekile.
IGo Nuts ewu-400G ilandela eminye imikhiqizo yamakinati i-peanut butter ekhiqizwa ePick n Pay, Dischem, Dischem Lifestyle ewu-400g newu-800g , Eat Naked no-Ice Cream onamakinati waseWoolworths.
Ikhomishini ebhekelele abathengi kuleli, iNational Consumer Commission (NCC), ithe abaseClover bakhiphe i-peanut butter iGo Nuts ewu-400g engu-10 776 emashalofini kusukela ngoLwesihlanu.
"Ingozi yokuthi amakhasimende adle umkhiqizo onezinga eliphezulu kunelivumelekile lesikhutha i-aflatoxins ukuthi angaba nezinkinga zezempilo ezihlanganisa ukucanuzelelwa kwenhliziyo, ukuphalaza, ubuhlungu beqolo.
“Amakhasimende athenge le mikhiqizo esikhishiwe emashalofini asezitolo ayacelwa ukuthi angabe esayidla le mikhiqizo. Akayiphindisele ezitolo ayithenge kuzo ukuze athole imali yawo noma ngabe awesenazo iziliphu eziwubufakazi bokuyithenga," kusho isitatimende seNCC.