ZIKHALE ngokuvalwa kwezwe nguMengameli Cyril Ramaphosa kuhlasela iCovid-19 kuleli izikhulu zoMnyango weMfundo ePhakeme emva kokugqoza kwezibalo zezitshudeni eziphothule iziqu kanjalo nalezo ezingene ezinhlelweni zokufunda zisebenza.
Lesi sikhalo sivezwe yibamba likamqondisi jikelele kulo mnyango uMnuz Zukile Mvalo ngesikhathi bevele ngaphambi kwekomiti lasePhalamende.
UMvalo udalule nokuthi abakwazanga ukuhlangabezana nesibalo sezitshudeni ezingu-610 000 ezazizofunda emakolishi amakhono amaTVET njengoba bagcina bebe nezingu-452 277 onyakeni wezimali u-2021/2022.
Uveze nokuthi zingu-310 000 izitshudeni zakulawa makolishi ababehlose ukuthi bazixhase ngeNSFAS kodwa bagcine bexhase ezingu-256 747.
“Sasihlele ukuthi izitshudeni ezingu-14 700 zizothweswa iziqu emkhakheni wobunjiniyela kodwa kwagcina kuthwalwe iziqu ezingu-12 652. Kanjalo nakwiMasters sasihlele ukuthi ezingu-14 000 zizothweswa imiyezane kodwa lokho kwangenzeka, kwagcina kuthweswe ezingu-12 922 imiyezane. ICovid isishaye kakhulu nokuvalwa kwezwe ngoba ezinye izitshudeni azikwazanga ukuyoqeqeshwa ukuze zithole iziqu.”
Ubalule nokuthi nasemkhakheni iN6, babehlele ukuthi izitshudeni ezingu-70 880 zizobhala izivivinyo kodwa kwagcina kubhale ezingu-57 243 ngoba ezinye zaveza ukuthi zazingakulungele ukubhala.
UNgqongqoshe walo mnyango uDkt Blade Nzimande, uveze ukuthi ezinye zezitshudeni azikwazanga ukuqedela iziqu zazo ngenxa yokuthi azizange zizithole izindawo lapho zizoqeqeshwa khona ukuze zikwazi ukuthola iziqu.
“Ezinye iziqu zidinga ukuthi usebenze ngaphambi kokuba uziphothule. Ngakho noma ungafunda uqede kodwa uma ungazange usebenze, ngeke lezi ziqu uzithole,” kusho uNzimande.
Uncome umsebenzi owenziwe nguhulumeni ukuxhasa izitshudeni esikhwameni iNSFAS.
“Inyukile imali efakwe nguhulumeni ukuxhasa izitshudeni ezihlwempu ngaphansi kwalesi sikhwama. Nyakenye imali ifinyelele kuR38.6 billion isuka kuR21 billion ngo-2018.”
Mayelana nesibalo sezitshudeni ezixhaswe yiNSFAS, uthe sisuke ku-586 763 ngo-2018 saya ku-770 083 ngo-2021.
Uthe emkhakheni wezolimo kunabalimi asebebadala abazothatha umhlalaphansi wathi kodwa la makhono abanawo awadluliselwa kubantu abasha.
“Indaba yokudluliselwa kwamakhono entsheni yinkinga esibhekene nayo. Yingakho sigqugquzela ukuthi kube nokusebenzisana ukuze intsha ithole amakhono.”