UKHALE ngokumba eqolo kwayo yonke into nokuba phezulu kwezindleko zokuphila eNingizimu Afrika owayengunobhala weCosatu, uMnuz Sdumo Dlamini.
Ukhulume kanjena emashini yeCosatu KwaZulu-Natal ebiseThekwini izolo.
“Ofuna uphethroli uyabiza kumanje, ofuna ugesi ubiza kakhulu kodwa ube ungatholakali kwesinye isikhathi. Uze waqanjwa igama kwathiwa i-loadshedding. Nathi singamaKhomanisi isiphatha kabi le nto,’’ kuchaza uDlamini.
Ubemele i-SACP kuzwelonke ekhuluma njengelungu layo esigungwini esiphezulu. Uthe bayayiseka iCosatu ufuna ziqiniswe izinkundla okuxoxwa kuzona ngamaholo abasebenzi zihlanganiswe zikhule ukuze abasebenzi bameleke ngokweqiniso.
Ukhale kakhulu ngokungasebenzi kwabantu athe kungaphezulu kuka-40%, uthe akukwazi ukuthi kungavunyelwa leso simo eNingizimu Afrika ngoba lokho kuyingozi.
Le mashi iyingxenye yamamashi eCosatu ebekuzwelonke.
UNobhala weCosatu eKZN uMnuz Edwin Mkhize, uthe ngeke bahlale basonge izandla bathule bebona ukuthi abasebenzi abasakwazi ukuphefumula.
Ukhale ngokukhuphuka kwezindleko zokuphila ekubeni imiholo nezimo zokusebenza akushintshile. UMkhize uthe bafuna ukuthi iBhange loMbuso lehlise imali mboleko.
“Ngabe leli bhange liyasibona yini isimo esibhekene nabantu abampofu emalokishini nasemakhaya ukuthi labo bantu basazokwazi yini ukumelana nezindleko zempilo,’’ kuchaza uMkhize.
Eqhuba ukhale ngenkinga kagesi wathi yandisa inkinga yokungasebenzi kwabantu ngoba ezinye izinkampani zigcina zivalwa.
Uphonsele inselelo omasipala ukuba babheke uhlelo lwabo lokuqoqwa kwezikweletu ikakhulukazi zamanzi nogesi.
Ubalule kakhulu iTheku athe kulona lezi zinto zibiza kakhulu ukwedlula bonke omasipala eNingizimu Afrika.
“Abantu abahlala koMsunduzi, Newcastle, Mhlathuze nabo bonke omasipala esifundazweni imali yabo manje iphelela kugesi. ITheku yilona elibiza kakhulu. Sifuna futhi kuyekwe nokudayiswa kwemisebenzi okwenziwa eTransnet,’’ usho kanje.
Uthe emzabalazweni asikho isikhathi sokuphumula kuze kube uyakuthola okufunayo yingakho bezoqhubeka nokulwa nenkohlakalo kuhulumeni nasemkhakheni wamabhizinisi azimele.
Isibalo sabantu ebebekade beyingxenye yale mashi besisincane kakhulu kunalokhu okujwayelekile.
Iphini likaNobhala jikelele leCosatu, uMnuz Gerald Thwala lithe uhulumeni uzolubona ulaka lwabasebenzi uma eke wazama ukubhidliza uhlaka okubhungwa kulona okufunwa abasebenzi.
Uhlu lwezikhalo lwamukelwe iMeya yaseThekwini uMnuz Mxolisi Kaunda kanti ubehambisana nobemele ihhovisi likaNdunankulu wesifundazwe, iTransnet kanye nebhange loMbuso.