UKHALE ngenjeje abeyidlaliswa yi-ANC KwaZulu-Natal, umfowabo kasomabhizinisi odumile uJabulani “Mjay” Zama ofihlwe ngoMgqibelo, eThekwini.
Enkonzo yomngcwabo kaZama ongumnikazi nomsunguli wendawo edumile yobumnandi, i- Eyadini Lounge eseMlaza, ebisehholo i-The Station Space Events eThekwini, beyihanjelwe yinqwaba yabantu nezicukuthwane ezehlukene kubalwa amaciko ehlukene, izikhulu zikahulumeni wesifundazwe nabaholi bamaqembu ezepolitiki.
Eqala ekhuluma, umfowabo kamufi uNtuthuko Zama, akazange achithe isikhathi kodwa wahlohla imibuzo elumelayo eyibhekise kubaholi be-ANC esifundazweni
"Webantu be-ANC eKZN, le njeje ebeniyidlalisa umfowethu beniyenzelani? Isihluku enisenze kumfowethu. Beniyenzelani leyo nto? Ibuhlungu into eniyenze enganeni yakwethu. Ngale nto ayenza ngo-2017, seningaze nimenze kanje umfowethu?" kusho uZama.
Akuzange kucace ngokwenzeka ngo-2017 njengoba umndeni ungathandanga ukwenaba ngakho kodwa ezinkundleni zokuxhumana kube nokuqagela okuningi njengoba abanye bebesola ukuthi le nkulumo isukela ekutheni ngalowo nyaka, i-EFF yasebenzisa i-Eyadini Lounge ukwenza eminye yemigubho yayo yeminyaka emihlanu leli qembu lasungulwa.
USihlalo we-ANC esifundazweni, uMnuz Siboniso Duma obengafakiwe ohlelweni lwezikhulumi, kuphoqe ukuthi asukume ekugcineni ngaphambi kokufundwa kwezwi, asho okuthile.
UDuma uthe uma kukhona lapho kungahambanga khona kahle okwenziwa ngabaholi bale nhlangano baphambilini, uyabashwelezela, wanxusa ukuthi umndeni ulekelelwe, ungabanjelwa kungabikhona ukubambelana izinhliziyo.
"Umuntu oshonelwe akabanjelwa izwi. Njengamanje kumele siwuqinise siphinde siweseke umndeni wakwaZama," kusho uDuma.
Imizamo yokuthola imininingwane egcwele mayelana nokuthi yini le eyenziwa i-ANC engazange yehle kahle, yaholela ekutheni umndeni ukhulume ngale ndlela, ayiphumelelanga.
Lo somabhizinizi uchazwe yizikhulumi ezehlukene nabomndeni wakhe njengobenobuntu nothando lwabanye abantu. Ushonele esibhedlela i-Prince Mshiyeni Memorial ngeledlule, kanti umndeni uncome kakhulu abasebenzi balesi sibhedlela ngemizamo yabo bezinikela ekumhlengeni.
Bakhale ngokuthi ngesikhathi esegula, iningi labantu abasizile abanye abebephila ngemali abayisebenze endaweni yakhe benza imisebenzi eyehlukene. Abanye abasiza kokuningi bese beqhelile kuye okubalwa namaciko ahlukene.
UNKK Mbali Madikani ongudadewawo kaMjay uncome ukusebenza ngokuzikhandla kodokotela nabahlengikazi esibhedlela iPrince Mshiyeni, uthe ngasosonke isikhathi bebeseduzane nomfowabo.
Kuqubuke umunyu ngesikhathi kudlawa inkulumo eqoshiwe kaNkk MaDlamini Zama abehlonipha kuyo okokugcina umyeni wakhe weminyaka.