KUKHALWE ngokugqoza kwengqalasizinda ezikoleni zakuleli, ikakhulu ukushoda kwamakilasi nothisha, njengoba umthethosivivinywa, iBasic Education Laws Amendment Bill (Bela), uphakamisa ukuthi uGrade R ube yimpoqo.
Lokhu kuqukethwe emibonweni elethwe ngumphakathi, izinhlangano ezehlukene, izinyunyana zothisha nezinhlaka kwezemfundo ekomitini lezemfundo ePhalamende njengoba bekunezigcawu zomphakathi.
Kulezi zigcawu kukhalwe ngenkinga yokushoda kwengqalasizinda ezikoleni.
Umbiko othulelwe ikomiti uveza ukuthi ingxenye eningi ikhala ngenkinga yokushoda kwengqalasizinda.
“Iyinkinga eyokushoda kwamakilasi nothisha njengoba kuzoba noGrade R. Siyakwamukela ukuthi leli banga libe yimpoqo kulabo abaneminyaka eyisithupha,” kusho umbiko.
USihlalo wekomiti lezemfundo ePhalamende, uNkk Bongiwe Mbinqo-Gigaba, uthe ibalelwa ku-18 000 imibono elethwe yizinhlaka ezehlukene ngalo mthethosivivinywa.
Uthe okwamanje basacubungule ebalelwa ku-7 600, wathi basahlalelwe eminye okumele bayibheke.
Uqhube wathi akuphelile ngezigcawu zokuphawula ngalo mthethosivivinywa.
“Ngonyaka ozayo njengoba kuzoba yisikhathi esimatasa, sizohambela izifundazwe ezehlukene siyothola ukuphawula komphakathi ngalo mthethosivivinywa. Sizosebenza kakhulu ngezimpelasonto yingakho ngizoninxusa ukuthi ningadinwa uma senihlukana nemindeni yenu uma sekuqala lo msebenzi.”
Umbiko ubalule nokuthi uyahambisana nokuvalwa kwenduku unomphela ezikoleni.
“Umnyango kumele uqhamuke nezinye izindlela zokuqondisa abafundi njengoba kuvalwe induku,” kusho umbiko.
Lo mbiko uchitha nendaba yokuthi inhloko yomnyango wezemfundo ibe nezwi lokugcina mayelana nokugcwala kwesikole kanjalo nolimi okumele lufundwe kuleso sikole.
Umbiko othuliwe uveza ukuthi abaphawulile bakhala ngokuthi kuzophucwa izigungu zabazali amandla okunquma nokubamba iqhaza ezikoleni.
“Amandla kumele aqhubeke nokuba ezigungwini zezikole njengoba nomthetho uvumela ukuthi kube nokusebenzisana. Ukuphucwa kwezigungu amandla kusho ukuvala umlomo abazali.”
Okunye okuchithwe emibonweni yomphakathi wudaba lokudayiswa kotshwala ezikoleni uma kunemicimbi yokuqoqa imali.
Imibono eminingi yabaphawulile ayihambisani nalesi siphakamiso njengoba ithi akumele kudayiswe utshwala noma izidakamizwa eduzane nezikole noma ezikoleni ngisho kuthiwa kunemicimbi.
Okunye okuchithwe abaphawulile wukuthi abasezigungwini zabazali kumele baziveze obala izinto ezibangenisela imali ukuze kungabi nokushayisana okuthile noma uthole ukuthi benza imisebenzi nezikole noma bathola inzuzo ezikoleni.