UMPHAKATHI waseZinketheni, ngaphansi kukaMasipala waseMshwathi, ukhala ngobungozi bomgodi osukhiphe isidumbu, okuthiwa ushiywe ungagqitshiwe yinkampani yemayini ebisebenzela endaweni.
Le nkampani kuthiwa imiswe yiwona umphakathi ukuqhubeka nokumba.
Umphakathi ukholwa ukuthi inkampani ebimba inkwali, iThandisizwe Quarry, ibingenayo imvume kwazise awuzange ubikelwe, kwaphoqwa ukumiswa kokusebenza kwayo ekuqaleni konyaka.
Ukusala komgodi ungagqitshiwe kuthiwa sekwenze umphakathi wakhathazeka njengoba izingane zibona indawo yokubhukuda uma kushisa. Umndeni wakwaMchunu endaweni ulahlekelwe yilungu lawo, u-Eyami Mchunu (16), ominze ngesikhathi ebhukuda khona nezinye izingane.
Uninalume ka-Eyami, ongathandanga ukudalulwa, ukuqinisekisile ukuthi umshana wakhe ushone ngesikhathi bebhukuda, wacela ukungandi kakhulu ngamagama njengoba lesi simo sisazwela emndenini.
UMnuz Gift Zikhali, osekomitini lomphakathi endaweni, uthe nakuba kungacaci kahle ukuthi ubani onetayitela lendawo ekule mayini kodwa umsindo wemishini ubuhlalise lubhujozi umphakathi nokuthi inkampani ibingabaqashi ngokwanele abantu basendaweni.
“Umphakathi ubungazange uthintwe ngesikhathi kuqalwa ukusebenza kule mayini kanti bekukhona nezinye izingqinamba njengoba lapho beyimba khona kukhona namathuna akweminye imizi emidala ekhona endaweni. Ngenhlanhla akekho osaphumele obala ngelokuthi kukhona ithuna lelungu lomndeni wakhe elimbekile, okwamanje bonke basakwazi ukuwabona. Kodwa umphakathi ufisa umgodi ugqitshwe ukuze izingane ziphephe njengoba usugcwele amanzi,” usho kanje.
Imizamo yokuthola ukuphawula komnikazi wenkampani yemayini okuthiwe nguMnuz Naas Moos ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa nemibuzo athunyelelwe yona kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakayiphenduli.