EVILE ku-65 000 amadokodo amacala athinta ucansi nokudlwengulwa kwabesifazane ahoxiswe kungafinyelelwe esiphethweni sophenyo phakathi kuka- 2018 noDisemba nyakenye.
Lokhu kuthiwa kuvezwe wuNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Senzo Mchunu ngesikhathi ephendula umbuzo we-DA ephalamende ngesonto eledlule.
Emva kokuthi owayewuNgqongqoshe kulo mnyango uMnuz Bheki Cele kuthe ngoMeyi wavezela iphalamende ukuthi evile ku-54 million amadokodo avaliwe kungafinyelwe esiphethweni kusuka ngonyaka wezimali u-2018/2019 ngenxa yokushoda kobufakazi, uMchunu wenekele iphalamende ngohlu lwamadokodo.
Phakathi kwamadokodo amacala avuliwe okuthiwa agcine ehoxiswe engasetshenziwe, angu- 61 740 awokudlwengula, 5 523 awokushaya ngenhloso yokwenza ucansi bese kuthi angu- 141 026 athinta ukuhlukunyezwa ngokobulili.
I-DA ithi okuvezwe wuMchunu kuyaphazamisa kakhulu futhi kudweba isithombe esibi ikakhulu njengoba kuyinyanga okuhlonishwa ngayo iqhaza labesifazane.
Ilungu le-DA ephalamende uNksz Lisa Schickerling, lithe angu-974 amadokodo amacala athinta ucansi avalwayo eziteshini zamaphoyisa kuleli, ngenyanga, kusuka ngo-2018.
“Lokhu kusho ukuthi cishe bangu-32 abagilwa bamacala okudwengulwa nokushaywa ngenhloso yokwenza ucansi abagcina bengabutholi ubulungiswa, ngosuku. Lesi simo siyaphazamisa kakhulu sidinga ukungenelela ngokushesha kukangqongqoshe nezikhulu emaphoyiseni ukuqinisekisa ukuthi udlame olubhekiswe kwabesiifazane luyasukunyelwa,” usho kanje.
Kuthiwa okunye okuyimbangela yokuhoxa kwamacala, amadokodo ayalahleka noma ebiwe okugcina sekuphazamisa.
Amanye amacala okuvela ukuthi agcina ehoxisiwe ngenxa yokushoda kobufakazi nodaba oluthinta amadokokodo, angu- 76 655 awokubulala, angu-256 162 okubamba inkunzi nangu-9 114 okuthumba.
UMchunu uthe u- 68,75% wamadokodo antshontshwe eziteshini zamaphoyisa athinta amacala othinta ucansi, wonke ayevulwe eziteshini ezisesifundazweni iLimpompo okuthiwa kushiya ukukhathazeka.