KUGXEKWA osolakala ngokuba ngusomathuba, okukholakala ukuthi usebenzisa i-akhawnti engumbombayi kwiFacebook, ukudukisa umkhondo ngomfundi osekuyophela usuku lwesine enyamalele, selokhu egcine ukubonwa ephuma esikoleni ngoLwesine.
Umndeni kaSinethemba Lindelwa Ngcece (8) waseMakhoso eMthwalume, ufunda uGrade 3 eMakhoso Primary, udunguza ontwini ngokwehlele indodakazi yawo njengoba kuthiwa ukugcina kwayo ukubonwa bekungemva kokuphuma kwesikole esikhona endaweni.
Kuze kube yimanje akukacaci ukuthi unyamalale wabheka kuziphi izinkalo. UNina kaSinethemba, uNksz Nobuhle Ngcece uthe kuningi okushiwoyo njengoba abanye beveza ukuthi ugcine ukubonakala engena esitolo esisendaweni, kukhona abathi ubonakale ethathwa yimoto ebomvu.
Uninakhulu uNkk Nomathamsanqa Sibiya uthe kubaphatha kabi bewumndeni ukuthi sekunosomathuba osethole ithuba lokugqama enkundleni yezokuxhumana iFacebook ngalesi sehlo, obhale ukuthi ingane iyatholakala.
Ngokwalo mbhalo Isolezwe elinawo, okuthiwa ubhalwe wumuntu ozibiza ngoZanele Samke, ewuqondise kothile womndeni obephawula ngesikhathi kuthunyelwana ngomyalezo wokulahleka kwalo mfundi, ubhalwe kanje; “Nansi ingane lapha. Itholakale eMbumbulu emfuleni ikhala. Yathathwa omunye umama wakamakhelwane.”
UNkk Sibiya uthe ngesikhathi kulandelelwa obesho kanje, akabange esaphendula.
“Kusiphatha kabi ukuthi silahlekelwe, kube nomuntu obhala kanje enkundleni yezokuxhumana ngoba sigcina singazi noma wumuntu odukisa umkhondo, noma osethole ithuba lokudlala,“ kubalisa uNkk Sibiya.
I-akhawnti esetshenzisiwe inezithombe ezimbalwa nakhona zabantu abahlukene.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe amaphoyisa asePort Shepstone avule idokodo lophenyo ngomgilwa onyamalele. Imbangela yokulahleka kwakhe ayikaziwa.