KUKHALWA ngezinga eliphezulu lobugebengu bokubulawa kwabantu KwaDesai, eMariannhill, kulandela ukudutshulwa kubulawe abantu abahlanu izolo ntambama.
Lokhu kushiwo yikhansela lendawo, uMnuz Reginald Cloete, enkulumeni eqoshiwe yathunyelelwa abezindaba khona izolo.
“Kudutshulwe abahlanu. Oyedwa wabo ungumakhenikha, bese kuthi owesibili kube yikhasimende ebelizokhanda imoto,” kusho inkulumo eqoshiwe.
UCloete uthe isigameko sayizolo sibenza babe nengebhe ngoba seziningi izigameko zokubulawa kwabantu eMarianhill muva nje.
Uthe ngokubuka kwabo, umuntu ebebeqonde ukumbudubula umakhenikha, wathi omunye odutshuliwe umakhelwane kamakhenikha namadodana akhe amabili abesendaweni yesigameko ngesikhathi kudutshulwa.
Imizamo yokuthola uCloete kayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe bekuvaliwe.
Isolezwe lixhumane nomthombo walo esiteshini samaphoyisa iMariannhill, othe sikhona isigameko lapho kubulawe khona abantu abane kuso, amaphoyisa asaphuthume khona ukuyobheka isigameko.
Umthombo uthe abadutshuliwe, bahlaselwe ezindweni ezimbili ezehlukene kodwa ezisondelene.
“Esigamekweni sokuqala kudutshulwe ababili kwathi kwesesibili kwadutshulwa abathathu,” kusho umthombo.
Uthe yize kungakacaci okuningi ngesigameko kodwa kusolwa ukuthi abenzi bobubi ngabantu ababodwa ngoba izigameko zenzeke ngezikhathi ezisondelene kakhulu.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa ukuqinisekisa isigameko ayiphumelelanga.
Lokhu kwenzeke kusanda kubulawa inqwaba yabantu eClermont nasehostela KwaMashu.