INYUNYANA yothisha, iNATU isiyenze isiphakamiso sokuthi uMnyango wezeMfundo wenze okuthile ngezokuphepha ezikoleni.
Lokhu kwenzeke emva kokuthi kubulawe ngokudutshulwa umfundi ka-matric emakotishini esikole iMehlomlungu Secondary eKranskop, ngoLwesibili.
USibulelo Maphumulo kuthiwa uhlaselwe ngowesilisa ongaziwa ngezithuba zasebusuku, ngesikhathi ehlanganyele nabanye abafundi betadisha.
Kuthiwa owesilisa ungene kule ndawo wavulela ngenhlamvu ebhekise kuSibulelo, ngaphambi kokuba abaleke ngezinyawo.
UMengameli weNATU, uMnuz Sibusiso Malinga, uthe sibashaqile isigameko ngoba ukufa komfundi oyedwa, kusuke kuyinto “enkulu kakhulu.”
“Sicela ukuthi uMnyango wezeMfundo wenze okuthile ngezokuphepha ezikoleni. Bangaki othisha nezingane okufanele balahlekelwe yimpilo yabo ngaphambi kokuthi umnyango uqinise ezokuphepha?” kubuza uMnuz Malinga.
Uthe bayawunxusa futhi umnyango ukuthi usivakashele isikole, uyonikezela ngosizo lokwelashwa ngokomqondo kubo bonke abakhahlanyezwe yisigameko.
“Kulesi sikhathi sosizi, ozakwabo bakamufi bebekudinga ukugqugquzelwa, ikakhulukazi labo ebebekhona ngesikhathi kwenzeka isigameko,” kusho uMnuz Malinga.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe amakotishi akusiwona awesikole, kawekho ngaphakathi esikoleni kodwa asiza izingane zesikole ezihlala kude. Uthe bezwile ngesigameko.
“Isigameko ngeke sithikameze umndeni womfundi kuphela, kepha nabanye abafundi. Izigameko zalolu hlobo asizidingi ngalesi sikhathi lapho sekusondele ukuthi abafundi bethu babhale izivivinyo zabo zokuphela konyaka,” kusho uMahlambi.
Uthe kuba buhlungu uma kubulawa umfundi ngoba abazali bakhe basuke bebheke ikusasa eliqhakazile kuye.
Unxuse amaphoyisa ukuthi enze konke okusemandleni ukuthi kubanjwe umsolwa.
Uthe sebevele bawathumelile amathimba odokotela anika usizo lokwelashwa ngokomqondo, ukuyobhekana nabo bonke abafundi nothisha abangahle badinge usizo. Amaphoyisa akayiphendulanga imibuzo athunyelelwe yona ngalesi sigameko.