KUNOKUKHATHAZEKA ngezitolo zabokufika okuthiwa zidayisa ukudla okunobuthi noma amaphilisi ayizidakamizwa emphakathini waseHluhluwe ngasemngceleni waseKosi Bay.
Lokhu kuvele embizweni yomphakathi kamasipala ebikwaMnqobokazi lapho bekuvulwa khona inkulisa iSimunye.
UMnuz Comfort Khumalo oyiMeya kamasipala iBig 5 Hlabisa uxwayise umphakathi ngokuthi awuqaphele izinto ezidayiselwa izingane kulezi zitolo.
"Sinenkinga enkulu lapha kwaMnqobokazi yokuthi sekube nezingane eziguliswa izinto ezizithenga kulezi zitolo zabafowethu bakwamanye amazwe. Kukhona amaChips okutholakala kuwo kufakwe amaphilisi nezinto ezingaziwa nosekugulise izingane. Siyacela abazali basiqaphe lesi simo ngoba umphakathi usengozini," kusho uKhumalo.
Uthe okunye osekubakhathaza ukuthi nokudla okudayiswa kulezi zitolo kuba osekudlulelwe isikhathi nokuyingozi ezimpilweni zabantu.
Ukusho lokhu nje uNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Tshavheni umemezele ukuthi ikhabhinethi isinqume ukuthi kube nemithetho ezoshawa ezindaweni zamakhosi ukuze kunqandwe ukwanda kwabokufika asebenezitolo emakhaya ngokungemthetho.
Lesi simemezelo senziwe ngesonto eledlule ngenxa yokwanda kwezigameko zokugula nokushona kwezingane ezisuke zidle izinto ezizithenge ezitolo zabokufika.
UNksz Thandiwe Mkhwanazi wakwaMqobokazi uthe inkinga abanayo ukuthi lezi zitolo zabokufika yizona kuphela ezikhona endaweni nezidayisa ukudla ngamanani aphansi.
Indawo yakwaMnqobokazi isemakhaya aqhelile nedolobha njengoba liseHluhluwe.
Umphakathi wakhona uthembele kulezitolo zabokufika ezisabalele nazo zonke izigodi.