UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, uthi izingane ezifihla ukukhulelwa zibeka engcupheni izimpilo zazo nezezingane zazo ezingakazalwa.
UNksz Simelane uthe iningi lezingane zakulesi sifundazwe ezikhulelwe azikutholi ukunakekelwa kwezempilo okutholwa ngabantu abakhulelwe ngenxa yokuthi ziyafihla ukuthi zikhulelwe.
Uthe lokhu kuholela ezinkingeni zempilo okubalwa kuzo ukushona kwabakhulelwe noma izingane zabo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula isabelo sezimali somnyango wakhe esiShayamthetho izolo.
UNksz Simelane uthe kwesinye isikhathi kuhlula noma izingane ezikhulelwe seziyalelwe abezempilo ukuba ziye kothola ukunakekelwa okutholwa ngabakhulelwe ezikhungweni zezempilo, zivele zingayi.
“Iningi lezingane ezikhulelwe ziya kofuna usizo lwezempilo olutholwa abakhulelwe isikhathi sesihambile kakhulu. Izingane okutholakala ukuthi zikhulelwe uma abezempilo bevakashele izindawo ezahlukene, ziyaye ziyalelwe ukuba ziye kothola ukunakekelwa ezikhungweni zempilo. Iningi lazo ligcina lingayanga ezikhungweni zempilo.””
UNksz Simelane uthe ukuya kwabakhulewe ukuyothola ukunakekelwa kwezempilo kugwema izinkinga eziningi.
“Sikhuthaza abesifazane abakhulelwe ukuthi baye kothola ukunakekelwa kwezempilo okufanele isikhathi sisekhona. Siyaye siphakamise ukuthi baye kothola usizo kusasele amasonto angu-20 babelethe futhi sinxusa ukuthi balandele yonke imiyalelo abayinikwayo. Lokhu kubalulekile kakhulu njengoba kugwemeka izinkinga zezempilo eziningi.”
UNksz Simelane uthe umnyango unezinhlelo zokunciphisa ukushona kwabakhulelwe nezingane zabo.
UNksz Simelane uthe njengomnyango bakhathazekile ngesibalo esiphezulu samantombazane akhulelwa esemancane.
UNksz Simelane uthe phakathi kukaDisemba no-Ephreli angu-26 515 amantombazane amancane okubikwe ukuthi akhulelwe.
Uthe la mantombazane aneminyaka ephakathi kwengu-10 no-19, wathi angu-1 254 wawo aneminyaka ephakathi kuka-10 no-14.
“Kuyingozi ukukhulelwa kwamantombazane amancane njengoba kungaholela ezinkingeni zezempilo kumama nasenganeni.
UNksz Simelane uthe phakathi kwezizathu eziholela ekukhulelweni kwamantombazane amancane esifundazweni kubalwa ukugana kwawo nokuthwalwa athe kudla lubi ezindaweni zasemakhaya.
Uphinde wakhala nangamantombazane amancane angazisebenzisi izinsiza zokuvimba ukukhulelwa.
“Okukhathaza kakhulu ukuthi amanye ala mantombazane amancane enza ucansi olungaphephile ngoba nakhu ethembe ukuthi azokhipha izisu. Sifisa ukukusho ukuthi lo mkhuba awamukelekile. Yebo, kukhona abantu besifazane ababhekene nezinselelo ezahlukene, okufanele bakhiphe izisu, kodwa asihambisani nokuthi kube khona abantu abazokwenza ucansi olungaphephile ngoba nakhu bethembe ukuthi bazokhipha izisu.”
UNksz Simelane uthe bazosebenzisana nehhovisi likandunankulu kanye noMnyango wezeMfundo ukubhekana nokukhulelwa kwamantombazane amancane.
Isabelo sezimali somnyango singu-R50 billion.
Enye yale mali izokuya ekwakhiweni kwemitholampilo engu-11, ukuthengwa kwamasolar panel namagenerator okuzosebenza ezibhedlela nasemitholampilo uma kuhambe ugesi kanye nasekuqeqeshweni kwabasebenzi bezempilo.
UNksz Simelane uthe maduze kuzoqala izinhlelo zokwakhiwa kwesikhungo semfundo ephakeme sezempilo enhla nesifundazweni.
Uthe umnyango usaqhubeka nezinhlelo zokuzama ukuqasha ngokugcwele zonke izisebenzi ezaziqashwe ngesikhathi kubheduka ubhubhane, icorona.