ZIYAKHALA izinyunyana zothisha kuleli ngokungasheshi kohlelo lokuqinisekisa ukuthi othisha abafundisa uGrade R, bathola zonke izimfanelo njengabanye ozakwabo.
Izinyunyana iNatu neSadtu zikhala ngokuthi eminye iminyango yezemfundo ezifundazweni, iyagoloza ukuqasha labo thisha.
UNobhala jikelele weSadtu uMnuz Mugwena Maluleke, uthe zikhona ezinye izifundazwe eseziphucule amaholo alabo thisha.
Uthe ezinye ziyagoloza ngisho ukubaqasha njengoba nohlelo lokubakhokhela luncike ezifundazweni.
“Kunezinye izikhulu zomnyango ezifuna ukubaphilisa kanzima othisha bakwaGrade R. Sesibhalele uMqondisi jikelele emnyangweni uMnuz Mathanzima Mweli, sayidlulisela nakuNgqongqoshe walo mnyango uNkk Angie Motshekga, sikhala ngalokhu.”
Uthe labo thisha benza umsebenzi ofanayo nabanye othisha yingakho kumele bathole zonke izimfanelo ezitholwa abanye.
UNobhala jikelele weNatu uMnuz Doctor Ngema, ukhale ngokuthi labo thisha abakwazi ngisho ukukhokhelwa uma beye elivini wathi bayalwa ukuze bakhokhelwe ngokufanayo nabanye othisha.
Uthe udaba lwalabo thisha sebelufake nasenkundleni ebhunga ngazo zonke izinto ezithinta ezemfundo i-Education Labour Relations Council (ELRC), ukuze kulinganiswe umholo.
“Izimo zokusebenza kumele zifane kubona bonke othisha. Sethemba ukuthi njengoba udaba selubhungwa enkundleni i-ELRC, kuzoba nomehluko.”
Uthe okwamanje isifundazwe esibakhokhela kangcono othisha bakwaGrade R, yiGauteng.
Lezi zinyunyana zisho lokhu nje i-Early Childhood Development (ECD) ingene ngokusemthethweni ngaphansi komnyango wezemfundo nyakenye, isuka emnyangweni wezenhlalakahle.
Ephendula umbuzo welungu le-DA ePhalamende uMnuz Baxolile Nodada, uNkk Motshekga wathi badinga uR14.7 billion, ukukhokhela othisha bakwaGrade R iminyaka emithathu ezayo.
Wathi badinga noR1.7 billion, wokwengeza amakilasi akwaGrade R.
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini bekuyimpoqo ukuthi umfundi aqale isikole kwaGrade 1, kodwa manje sekuyimpoqo ukuthi aqale kwaGrade R.
UNkk Motshekga waveza nokuthi ezikoleni ezingu-17 243 zamabanga aphansi, ezingu-15 523 ezinoGrade R kuthi ezingu-1 720 azinawo nhlobo uGrade R.
Wabuye waveza nokuthi kudingeka kwengezwe othisha abangu-6 500, ukuze basize ekutheni lo mkhakha ungene ngokugcwele emnyangweni wakhe.
UNgema uthe ukususwa kwalo mkhakha ngaphansi komnyango wezenhlalakahle uze kowezemfundo, kufana nokuthi kwasuswa unyawo endaweni ethile lwaya kwenye indawo njengoba kungekho mehluko.