KUKHALWA ngezingane zesikole okuthiwa seziphendule ithempeli lakwaShembe, Esikhumbuzweni KwaNdengezi inkundla yokuzitika ngocansi.
Leli thempeli laseBuhleli lakhiwe eduze kwepaki ekuleli lokishi.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto, umkhuba wokwenziwa kocansi kule ndawo usuphenduke insakavukela.
Ilungu laleli bandla, esiligodlile igama lalo, lizwakalise ukukhathazeka ngokudlebeleka kwabantu abasebenzisa ipaki.
Lithe abagcini nje kuphela ngokuzithokozisa ngocansi kodwa baphinde bagqekeze ithempeli okuyimanje alinawo amawindi nezicabha.
"Njengamalungu ebandla sikhathazekile ngemigilingwane eyenzeka ethempelini. Okusikhathaza kakhulu yilokhu kocansi. Sesijwayele ukufika kusaphazeke amakhondomu asesebenzile phansi. Ezinye izingane zincikisana esakhiweni sethempeli," kusho leli llungu.
Liqhuba lithe, ngaphandle kocansi miningi eminye imigilingwane eyenzeka Esikhumbuzweni.
Liveze ukuthi ngomunye unyaka kwatholakala isidumbu somuntu silenga esihlahleni.
Lithe okunye okubakhathaza kakhulu wukuthi kukhona abanye abantu asebephendule leli ithempeli indawo yokuphuza utshwala nokuhuqa insangu.
"Njengoba abantu bobumnandi beqala ukuzijabulisa ngoLwesihlanu sifika ngeSabatha kugcwele amabhodlela phansi. Amanye asuke efile kuphoqe ukuthi siwaqoqe ngoba sibalekela ukusikeka ezinyaweni njengoba singazifaki izicathulo," kusho ilungu lebandla.
Liveze ukuthi le ndawo isiphenduke umhhume wabaphangi, sekuyinto ejwayelekile ukuthi kubanjwe inkunzi abantu abasuke bedlula ngendlela ebusuku.
"Le ndawo idinga ukubiyelwa ukuze ibe nesithunzi esifanele. Thina sikholwa wukuthi inomlando onothile futhi ojulile njengoba kunedlinza lenkosi yaseMangangeni eyatshalwa kuyo (epaki) ngesikhathi ikhothama ngakho kulichilo uma sekwenzeka izinto ezifana nalezi ezenzekayo," kusho ilungu.
Ngokwesifiso salo lithe, le ndawo bafuna ukuba yenziwe indawo yezamagugu ezongena ohlwini lwalezo ezivakashelwa yizivakashi.
Ngesikhathi ithimba leSolezwe liyihambele kuningi elikuqaphelile, okunye kwakho wukuthi ngisho izicabha zezindlu zangasese azisekho, kuthiwa zebiwa.
Nezicabha zesakhiwo esikhulu sethempeli bezingabonwa sekuvalwe ngothayela. Namawindi abengekho.
Ilungu lebandla liphinde laveza ukuthi idlinza leNkosi yaseMangangeni, lalungiswa sekusheshiswa ngesikhathi kuzofika uNyazilwezulu ngo-2014.
Idlinza leNkosi lenile, ligcwele utshani futhi awukho umbhalo okhomba ukuthi kulele inkosi.
Okhulumela uhlangothi lwaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe inkinga ebhekene naleli thempeli, ibingakaze ibikwe oNyazini.
Uyalele ubuholi baleli thempeli ukuba bulandele imigudu efanele, buqale buxhumane nekomiti eliphezulu lebandla.
"Angihambisani nesenzo sabo sokuthi bagijime babikele iSolezwe ngeSonto ekubeni lukhona uNyazi. Thina sazi ukuthi kumele sikhothame oNyazini hhayi kwiSolezwe," kubeka uMncwabe.
Ikhansela lendawo, uMnuz Dumani Nsundwane, uthe luyasetshenzwa udaba lwaseSikhumbuzweni.
“Wudaba esiphezu kwalo lolu. Siyazi nangedlinza lenkosi elidinga ukuvikeleka nokuhlonishwa. Sihlela ukuthi libiyelwe ithempeli,” kusho ikhansela.