KUBATSHAZWA isihluku nesibindi sezigebengu ezigile amaphoyisa zingazimbozile ngisho ubuso, ngesikhathi ziwahlasela, zawalalisa phansi, zawaphuca izibhamu eMbizana, e-Eastern Cape, ngeSonto ebusuku.
Lesi sigameko sishiye abantu bebambe ongezansi izigebengu ebezingagayelwe mphako, zilinda amaphoyisa zase ziyagadla kwasala elilodwa enkundleni nayisikhombisa elimele kanzima.
Ngokuthola kweSolezwe, lawa maphoyisa ahlaselwe kusetshenziswa izinhlokohlela zezibhamu, ama-AK47. Kuthiwa amaphoyisa asesiteshini eMbizana aye eZizityaneni ebizelwe endaweni yesigameko obekubulewe kuso umuntu ngeSonto ebusuku. Ezintatha ngoMsombuluko, amaveni amathathu esebuyela esiteshini esisedolobheni, ahlaselwe.
Iveni yokuqala kuthiwa ibidlula egaraji ngesikhathi kuzwakala ukuqhuma kwesibhamu kubhekiswe kuyo ngabasolwa abangaziwa. Umshayeli ukwazile ukudlubulundela wadlula kule ndawo edubulekile waze wayoma esiteshini samaphoyisa eMbizana. Ababili abebekule veni babike ngalokhu kuvukelwa ngabantu esiteshini. Iveni yesibili ebilandela, kuthe isidlula ngakule ndawo nayo yadutshulwa, umshayeli wahluleka ukuyilawula, yaze yayoshayisa isigxobo sikagesi.
Izigilamkhuba kuthiwa zibe seziya kule moto zaphoqa amaphoyisa amane abephakathi ukuthi aphume, ziwakhombe ngezibhamu. Ziphuce amaphoyisa izibhamu zathatha, iR5 eyodwa nama-9mm amane. Zithathe amaphoyisa zayongena nawo egaraji, zawaphoqa ukuthi alale phansi, zawabopha, lapho ebese ziveze zilalise khona abasebenzi basegaraji abebegadwe ngezibhamu.
Kuthiwa izigebengu zibe sezilinda amanye amaphoyisa, kuthe kuqhamuka imoto yesithathu yamaphoyisa, zavulela ngenhlamvu kwadubuleka iphoyisa elilodwa lashona, imoto yashayisa isigxobo sikagesi. Izigebengu kuthiwa ziye kule moto zathatha isibhamu sephoyisa abelingumgibeli, umufi obeshayela ubengasiphethe isibhamu. Kuthiwa ziye egaraji zazama ukuqhumisa umshini wemali kodwa zehluleka, zagcina zibaleke nezibhamu zamaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa e-Eastern Cape, uLieutenant Colonel Siphokazi Mawisa, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala, awokuzama ukubulala nawokubamba inkunzi. Amacala aphenywa ngoKlebe. Abasolwa ababalelwa kwabangu-20 basagcwele amathafa.
Kwenzeka lokhu nje, ngeviki eledlule kusinde ngokulambisa amaphoyisa amabili eMbumbulu, adunwe imoto athathelwa izibhamu ngabasolwa ababehamba ngemoto iVW Polo. Imoto yamaphoyisa itholwe ilele ngokhakhayi budebuduze nalapho ithathwe khona.
UDkt Johan Burger ongungcweti wezobugebengu ozimele, uthe kuyakhathaza ukwanda kwezigameko zokuhlaselwa kwamaphoyisa futhi kukhombisa ukuthi izigebengu aziwesabi nhlobo.
“Indlela okwenzeka ngayo lezi zigameko, lapho esize sibone izigebengu zigebenga amaphoyisa zingazifihlile nokuzifihla, kukubeka ngokusobala ukuthi aziwesabi amaphoyisa. Kumele uhulumeni neziphathimandla bayisukumele le nkinga, kwenziwe isibonelo ngabathinteka kulezi zigameko,” usho kanje.
Uthe kumele kuphenywe kuze kuboshwe abathintekayo, kungathalaliswa nje kugcine kungaziwa ukuthi uphenyo luhambe lwafika kuphi.
Okhumela iSouth African Policing Union, uMnuz Lesiba Thobakgale, uzigxeke kakhulu izenzo zokugetshengwa kwamaphoyisa.
“Zonke lezi zigameko zikhombisa ngokusobala ukuthi amaphoyisa awahlonishwa nhlobo futhi okwenziwa kuwona kungukwedelela umthetho ngakho sinxusa ukuthi kuphuthume uphenyo ukuze kuboshwe abenzi bokubi,” usho kanje.