KUKHALWA ngesitimela samabanga amade esifikisa abagibeli sekudlule isikhathi njengoba uhambo olusuka eGoli luya eThekwini, lube ngamahora awu-30 esikhundleni kwamahora awu-18.
Lesi sitimela seShosholoza Meyl sisuke eGoli ngoLwesihlanu ebusuku kanti bekufanele sifike eThekwini ngoMgqibelo ekuseni, kodwa sigcine sesifika ntambama.
Abantu akade besigibele kodwa abangathandanga ukudalulwa, bathe abaziswanga ukuthi bekwenzenjani njengoba bekunezikhawu lapho isitimela besihamba kancane.
Kuvele ukuthi kwezinye izindawo isitimela besihamba kancane ngenxa yokuthi umzila waso wamosheka kakhulu.
Kuthiwa kubuye kwafa iguzu endleleni yaso sase siphoqeleka ukuba sime kuze kuba liyasuswa.
UNksz Andiswa Makanda okhulumela iPassenger Rail Agency South Africa (Prasa), uthe isitimela esisuka eGoli siye eThekwini, siye sathatha isikhathi eside ngenxa yokuthi besinciphisa ijubane ukuze kuphephe abantu.
Uveze ukuthi iPrasa ithole izinqola ezintsha zezitimela kwaTransnet kanti lokhu kuzoyisiza ukuthi zifike ngesikhathi lapho ezisuke ziya khona.
Uxolisile kubagibeli ngezingqinamba ezibe khona wathi isimo bahlezi besiqaphile ukuze bathuthukise izinga lokusebenza.
Uthe izitimela zamabanda amade ziyaqhubeka nokusebenza masonto onke ngesikhathi esimatasa nakanye ngenyanga ngezikhathi ezingekho matasa.
Uphethe ngokucela abantu ukuba babike uma bebona izigameko ezisolisa emizileni yesitimela ngokushayela u-08600 10111.