KUKHALWA ngeNkosi yaseNhlangwini uNgqalabutho Dlamini (32) okuthiwa isikhulelise inqwaba yezintombi esizweni sayo.
Kuthiwa zingena ziyashintshana esigodlweni izintokazi ziqhuba izisu zifike zithi ezenkosi uDlamini.
Le liphephandaba lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni, noveze ukukhathazeka ngendaba yeNkosi uDlamini. INkosi uDlamini uzalwa iNkosi uMelizwe ekhothame ngo-2021, neyazakhela udumo ngokushisa umbango wokuthi nayo kumele inyuselwe esikhundleni sokuba yiSilo.
“Sikhathazekile ngendaba yeNkosi uNgqalabutho. Sekufike amantombazane angaphezu kwayisihlanu ezobika izisu. Isizwe asiphathekile kahle ngendlela inkosi eziphethe ngayo, ikakhulukazi njengoba ayikabi naye ngisho nondlunkulu.
“Indlela ebukhali ngayo esifazaneni iNkosi isiphethe kabi kakhulu. Lezi zindaba ziphoxa isizwe saseNhlangwini. Uma zifika futhi iNkosi ayikho eyiphikayo kulezi zintombi, okuyinto esiphethe kabuhlungu esizweni nesiphoxayo ngokuziphatha kwayo,” kusho umthombo.
Kuthintwa uNdunankulu waseNhlangwini, uMntwana uSipho Dlamini, uthe yena ukhuluma izindaba zesizwe kuphela.
“Izindaba ezinjalo zingaphendulwa uyena ngqo undabezitha uma nikwazi ukuxhumana naye. Engikwaziyo mina ukuthi usesibikelile ukuthi usezimisele ngokuthatha uNdlunkulu kodwa yinto ebesingakayihlaleli phansi siyixoxe kahle,” kusho uMntwana uSipho.
Uphinde wakuqinisekisa ukuthi iNkosi uNgqalabutho usesihlalweni ngokugcwele. Wathi izinhlelo zokumbeka esihlalweni zaphothulwa emva kwezinyanga eziyisithupha emva kokukhothama kukayise, okhothame ngoMashi ngo-2021.
Kuthintwa iNkosi uDlamini ivumile ukuthi zikhona izintombi ezinezingane zayo.
“Ngaphambi kokuba ngibe yiNkosi benginempilo yami nami ebengiyiphila. Omama babantwana bakhona bona.
“Engingakuveza nje ukuthi ngisezinhlelweni zokuthi ngithathe uNdlunkulu kodwa bekungeyona into ebengithanda ukuthi isheshe ivele ngoba kusahlelwa. Uma isikhathi sesifikile siyonazisa ngazo zonke izinhlelo,” kusho iNkosi uNgqalabutho.
INkosi ayicacisanga ukuthi uma isithatha uNdlunkulu izokhetha kuwona yini amantombazane okuthiwa iwakhulelisile, kodwa yathi inhliziyo izokhetha ekufunayo.
Ngo-2014 iNkosi uMelizwe yashada unkosikazi wesibili uPhumzile Mtimande emva kwezinyanga ezimbili ishade nowokuqala uNontando Dlamini.
Nangelanga lomshado wesibili kwamangala abaningi ngesikhathi unkosikazi omncane ekhumula indandatho kankosikazi omdala emunweni wenkosi uMelizwe emfaka eyakhe. Ngelanga lomshado unkosikazi omdala akalubhadanga kulo mshado.