SISHUBILE isimo phakathi kwenkosi yaseMgababa, eSouth Coast uPhathisizwe Philbert Luthuli nesizwe sakhe, esimsola ngokuqasha izingane zayo ezikhundleni zomkhandlu wayo.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi impi ephakathi kwenkosi nesizwe isikwelinye izinga njengoba kuthiwa ngisho nesigungu sayo asihambisani nesenzo senkosi.
“Isimangazile inkosi uLuthuli eqasha izingane zakhe ukuthi zisebenze emkhandlwini wakhe. Bekunezikhundla zabantu ababili ebezivulekile, okungesikanobhala nesomuntu ohlanza enkantolo yesizwe. Esikamabhalane sivuleke ngenxa yokuthi inkosi ixoshe obekhona ngoba ubengahambisani nezinto ezenzayo.
“Ithe uma isimemezela ukuthi kuqashwe omunye, kwavunyelwana ukuthi kumele kube wumsebenzi okhangiswayo ukuze abantu bendawo bafake izicelo zomsebenzi. Baningi abantu abafake izicelo ukuthi banikwe umsebenzi. Okuthusile ukuthi abantu bathe beletha izicelo kwafike kwathiwa sekuqashiwe lube lungakafiki nosuku okuvalwa ngalo ukufaka izicelo,” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo, uthe umkhandlu uyibuzile inkosi ukuthi ngobani laba asebeqashiwe, kwavela ukuthi isiqashe izingane zayo kuzona zombili izikhundla.
Lokho kuthiwa kususe umsindo kangangoba nomkhandlu kuthiwa ugcine usujamelene nenkosi ngesenzo sayo, yagcina isisele yodwa nomndeni wayo ngoba akekho ohambisana nesenzo sayo.
Kuthintwa inkosi ngalolu daba ifune ukwazi ukuthi ngobani asebeluhambise ephephandabeni.
“Selokhu ngaba yinkosi kusuka ngo-1988, angikaze ngizwe kuthiwa sekungaze kuyiswe udaba lokuqashwa kukamabhalane emaphephandabeni. Kuyilungelo lami ukuthi ngingamqasha umabhalane. Njengoba ungazimisele ukuveza amagama abantu abakutshele lolu daba ngeke ngikwazi ukuphawula ngalo. Okunye okumele ukwazi ukuthi lolu daba akulona olwamaphephandaba, kungcono ungalubhali. Kufana nokuthi olomndeni njengoba luthinta isizwe nami. Udaba lomndeni ke kusuke kungelempepho akulona olokubhalwa emaphepheni. Laba abaluyise emaphepheni bafuna ukungihlambalaza nje,” kusho inkosi uLuthuli.
ULuthuli akaqali ukuba sematheni ngezinto ezithinta yena endaweni yakhe. Ngo-2018 kwake kwavela isikhalo somphakathi wakhe uthi uhlala ebonakala ezindaweni zobumnandi ephuza eshaya namavosho.
Umphakathi waphinde wasola inkosi ngokuthi idla imali yokudayisa izindawo endaweni yayo bese iyozitika ngeziphuzo. Kuyona le ndawo inkosi uLuthuli yake yaxabana nosomabhizinisi, uMnuz Edward Mpeko owayenendawo yokulala khona, waxoshwa yinkosi ngokungemthetho.
Leli cala lagcina liphelele eNkantolo eNkulu eMgungundlovu lapho kwaphuma phambili uMpeko kwathiwa akakhokhelwe nezindleko zecala.