UNOBHALA Jikelele we-United Nations (UN), uMnuz Antonio Guterres, uveze ukuthi izwekazi i-Afrika lihlawuliswa inhlawulo ephindaphindeke kasishiyagalombili uma iboleka imali yokuzithuthukisa emazweni aseMelika.
UGuterres uqhube wathi liphinde lihlawuliswe ephindaphindwe ka-16 emazweni angaphansi kwe-UN nalawo ase-Europe.
UGuterres ubekhuluma engqungqutheleni ye-Brics eSandton City eGauteng ngesikhathi kuqhubeka izigcawu ze-Brics - Africa Outreach and Brics Plus Dialogue ebeziholwa nguMengameli Cyril Ramaphosa izolo.
Uthe kufanele ibe khona indlela yokuthi lokhu, akubize ngokuxhaphaza, kushintshwe nezikhungo ezinikezela ngosizo lwezezimali ezingeni lomhlaba.
Uqhube wathi kuyajabhisa ukuthi amazwe anomnotho osimeme ayaqhubeka nokuphatha izwekazi lase-Afrika ngendlakadla.
Abaholi bamazwe angaphansi kweBrics bathe bayazibophezela ekuqinisekiseni ukuthi izwekazi lase-Afrika liyathuthuka yize libhekene nezingqinamba.
Lezi zigcawu bezihanjelwe ngabaholi abangaphezu kuka-60 bezwekazi i-Afrika nabanye basemhlabeni jikelele.
Laba baholi bebezozwakalisa imibono yabo ezintweni ezehlukene ezikhungethe izwekazi i-Afrika, okukhona kuzo unswinyo, usizo, ukuthuthukiswa nokunye.
Ephawula ngokuthuthukiswa kwezwekazi i-Afrika, uRamaphosa uthe sikhulu isidingo sokuthi kwenziwe ushintsho yizikhungo ezinikezela ngosizo lwezimali ukuze kwenziwe ngcono isimo sokuphatha amazwe ngokungalingani.
Uthe kuyamjabulisa ukuthi izingxoxo zosuku lokugcina lwengqungquthela zixoxa kakhulu ngezisombululo zezinkinga ezikhungethe i-Afrika.