KUSOLWA abekomiti elibhekele ubugebengu endaweni, kubulawa amalungu amahlanu omndeni owodwa, ahlaselwe ekubo eSpringbok Laagte, eDannhauser ngezintatha zangeSonto.
OMnuz Lindokuhle Chagwe (39), Siyabonga Chagwe (32), Lungisani Chagwe (32) nabashana babo uMnuz Vincent Nkosi (31) noSihle Mvulane (17) kuthiwa bahlaselwe belele emzini wakubo ngabasolwa okuthiwa ngabesigungu esilwa nobugebengu emphakathini esaziwa ngokuthi Abaqondisi Crime Watch.
Kuthiwa kuphinde kwalimala amalungu amathathu alo mndeni angeniswe esibhedlela, kwashona oyedwa oyilungu lomphakathi endaweni. Abanye abayishumi kuvele ukuthi bangeniswe emitholampilo yendawo beyolashwa emva kokuthi beshaywe amalungu alesi sigungu, okuthiwa abala ukhasha engena umuzi nomuzi ephethe uhla lwalabo obekumele bashaywe.
Ilungu lomndeni elikhulume neSolezwe elithi lizibonele kugencwa abafowabo beshaywa kabuhlungu lithe ingxabano ibisuke emini ngoMgqibelo. Kuthiwa owomndeni uzame ukukhuzela umshana okuthiwa ubetitinywa ngamalungu ale nhlangano emlayishe emotweni ehla enyuka naye, emsola ngokushaya umuntu othile endaweni abexabene naye.
“Umshana, yena ogcine ebalekile ngesikhathi kungena laba bantu ekhaya, kuthiwa uxabane nothile babekana isandla, okuthe uma lo axabene naye ehlulwa wayomceba kula malungu aleli komiti, afike amthatha ngemoto amshaya,” kusho isihlobo sababulewe.
“Bekunomcimbi komunye umuzi okhona endaweni, abafowethu behambele kuwo, okuthe uma kufika isigijimi esithi umshana uyashaywa baphuma baqonda lapho eshayelwa khona.
“Bafike balwisana nabaleli komiti babashaya, ngisola ukuthi kubacasulile babiza abanye baba baningi. Ngiphaphanyiswe wumsindo wokukhahlelwa kwezicabha, okuthe uma ngiphuma bangihlaba ngethoshi emehlweni, omunye wathi angiyekwe abafuni mina. Baqhubekele kwezinye izindlu ezisegcekeni bakhipha abafowethu babashaya abanye bebagenca bethi abakhiphe izibhamu. Bebebuye babathele ngamanzi babashokhe ngogesi,” usho kanje.
Uthe abebehlasele bafike ngezimoto ezevile ku-11, kanti kubona bekukhona nabesifazane abebezifihle ubuso. Uthe izidumbu zabafowabo zilaxazwe ngasemathuneni eDannhauser kwathi esikaLungisani nomshana wakhe, abasolwa bayobashiya emtholampilo wendawo.
Uthe lesi sigungu ngesikhathi sibunjwa, kuthiwa inhloso yaso kwakuwukuphelezela abaya emsebenzini ekuseni, bebahlangabeze ntambama kwenzelwa ukuthi bangabanjwa inkunzi nokugwema nje ezinye izigameko zobugebengu kodwa izigameko zakamuva zikhombisa ukuthi kukhona asebesebenzisa lesi sigungu ukuthi sibalwele izimpi zabo.
Ikhansela endaweni, uMnuz Ntandoyenkosi Made, uthe uwutholile umbiko ngokwenzekile futhi bahlela ukuvakashela umndeni ukuze balandiseke kahle kubonakale nokuthi umasipala ungawulekelela kanjani umndeni.
“Ibuhlungu le nto yokufa kwabantu abangaka ngesikhathi esisodwa futhi iyaqala ukwenzeka. Okwamanje angikayitholi imininingwane ngokwenzekile. Kusasa (esho namhlanje) sizovakashela umndeni okuyilapho sizothola khona ngokwenzekile,” usho kanje.
Uthe yize azi ngalolu hlaka, olulwa nobugebengu njengoba lukuwona wonke ama-ward kodwa akazi ngisho ubuholi balo.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphenduli ukuqinisekisa isigameko.