KUPHOQA ukuthi bagcine sebezikhulula esigangeni, abafundi esikoleni iKhanyisa Secondary, okuthiwa sekuphele iminyaka singenawo amathoyilethi namanzi njengoba kusetshenziswa amabili omgodi nawo angekho esimeni okuthiwa aphinde asetshenziswe othisha.
Lesi sikole esiseNdwedwe esibhekene nale ngwadla, kuvele ukuthi abafundi besilisa kuze kuphoqe ukuthi bachame emva kwamathoyilethi ukwenzela ukuthi ozakwabo besifazane bakwazi ukusebenzisa amathoylethi akhona esikoleni kwawona okuvele ukuthi awanakho ngisho okokuhlala uma uzikhulula.
USihlalo wesigungu esilawula isikole uNksz Thoko Ngcobo, uthe lesi simo asigcini nje kuphela ngokubeka impilo yabafundi nothisha engcupheni ngenxa yezifo ezingadalwa ukungcola, kodwa siphinde silimaze nesithunzi sothisha kwazise nabo bayaphoqeka ukusebenzisa la mathoyilethi nabafundi.
“Kwawona uma kumele uzikhulule kumele uqojame. Phambilini umnyango wasilethela amathoyilethi angomahamba nendlwana ayisishiyagalombili, kodwa acekeleka phansi ngesikhathi kunomlilo wequbula. Kwawona ayengasanakekelwa ngoba bekujwayele ukuthi njalo esontweni ahlanzwe kodwa agcine eseyekwa kanjalo esengasekho osinakile,”usho kanje.
Uthe ngaphandle kwamathoyilethi, enye inkinga okubhekenwe nayo eyamanzi. Uveze ukuthi esikoleni kusetshenziswa ithangi elilodwa kuphela elanikelwa yinhlangano i-Gift of the Givers nakhona bagcina bethembele emanzini emvula. Uma izulu lingani kugcina kuphoqa ukuthi bahlale bengenawo amanzi.
“Uma ilanga lishisa kakhulu, siyaphoqeleka ukuthi abafundi basheshe badedelwe ngenxa yokungabibikho kwamanzi. Kwesinye isikhathi siyaye sibanxuse ukuthi umuntu aziphathele amanzi kodwa nalokho kuyabagqilaza njengoba iningi labo lihamba ngezinyawo amabanga amade kube nzima ukuthi bathwale amanzi zinsuku zonke,” usho kanje.
Elinye ilungu lomphakathi eliwumzali elingathandanga ukudalulwa likhuluma neSolezwe, liveze ukuthi lolu daba selubikwe kaningi emnyangweni kodwa uvele ubatshele ukuthi bazokwakhelwa amatholeyilethi kodwa abekho eqhulwini okwamanje kubhekenwe nezikole ezinenkinga efanayo kodwa ezinabafundi abaningi kwazise esabo sinabangu-298 nje kuphela.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Mlotshwa ngesikhathi ethintwa, uqinisekise ukuthi akanayo imininingwane ephelele ngalolu daba, wanxusa ukuthi axhumane nehhovisi lomnyango kwisifunda kuqala ukuthola incazelo.