INGQAPHELI yezigameko zodlame namaqembu ezepolitiki babona umningi umsebenzi ohlalele amaphoyisa ekulweni nezigameko zokusocongwa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
Bathi ukungaboshwa kwabantu ababulala osopolitiki esifundazweni nezezinhloli ezingekho ezingeni, kwenza ukuthi lezi zigameko zibhebhetheke.
Bakusho lokhu emva kokubulawa kwephini likasihlalo wegatsha le-ANC kuWard 14, eThekwini, uMnuz Cassim Phiri, odutshulwe wabulawa ngoLwesibili ebusuku.
Ukubulawa kwakhe kulandela ezinye izigameko zokubulawa kwabanye osopolitiki abaningi ababulawe kule nyanga.
NgeSonto, kubulawe isishoshovu se-IFP, uNksz Thembelihle Qalani, obengunobhala we-IFP Women’s Bridge kwisiyingi saseMzumbe.
Ukubulawa kwakhe kuza emva kokubulawa kwamakhansela, ikhansela le-IFP eMsinga, uMnuz Siyanda Magubane namakhansela e-ANC, uMnuz Mnqobi Molife waseThekwini noMnuz Zakhele Khuzwayo, wakuMasipala waKwaMaphumulo.
Ungoti ohlaziya izigameko zodlame, uNkk Mary De Haas, uthi ukwehluleka kwamaphoyisa ukubopha ababulali yikhona okwenza ukuthi izigameko ziqhubeke nokubhebhetheka esifundazweni.
“Ukubulala umuntu kulula. Kufa umuntu kungaboshwa muntu. Ezezinhloli ziyahluleka ukunqanda lezi zigameko kanti namaphoyisa jikelele, ayehluleka ukuthola abenzi bobubi. Ingakho abantu besabulawa namanje ngoba abekho abajezayo.”
UNkk De Haas uthe ithimba lamaphoyisa elajutshwa ukuba libhekane nokubulawa kosopolitiki nalo liyehluleka.
Uthe uma kungenziwa izinguquko ebuholini bezinhloli namaphoyisa, akukho okuzoshintsha.
“Buka nje, emva kokuhluleka kwamaphoyisa ukubhekana nezibhelu zangonyaka owedlule, akukho bantu abathathelwe izinyathelo. Abantu abaningi ababesezikhundleni ngaleso sikhathi, basahleli namanje ezikhundleni zabo.”
UNkk De Haas uthe ziningi izinto eziyimbangela yokubulawa kosopolitiki. Uthe isikhathi esiningi kuba umbango wezikhundla namathenda.
“Uma uzobheka njengamanje sekwandile ukubulawa kwabantu be-IFP ngoba isiphethe inqwaba yomasipala baKwaZulu-Natal. Njengoba i-ANC iya engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngoDisemba, kuzokwenyuka ukubulawa kosopolitiki.”
I-ANC esifundeni iTheku ikugxekile ukubulawa kukaPhiri.
UPhiri ubulawe emva kokuhambela umhlangano we-ANC, eMariannhill.
Bekuwumunyu izolo ngesikhathi kungcwatshwa uPhiri.
Abebehambele umngcwabo wakhe bamchaze njengomuntu wabantu, obezwana nawo wonke umuntu. Umndeni wakhe uthe ubengakaze awubikele lutho.
Okhulumela umndeni, uMnuz Ismael Maseko, uthe uPhiri ubengakaze asho ukuthi impilo yakhe isengcupheni.
“Sizodedela uphenyo lwamaphoyisa kube yilo oluzothola ukuthi ubulawelweni.”
Okhulumela i-ANC esifundeni iTheku, uMnuz Mlondi Mkhize, uthe basamile ekutheni izinhloli kufanele zinikezwe izinsiza ezanele ukuze zikwazi ukubhekana nalobu bugebengu.
UMkhize uthe bafuna ukuthi ithimba eliphenya izigameko zokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, liqale uphenyo olusheshayo ngokubulawa kukaPhiri.
USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe ukungaqeqesheki ngokwanele kwamaphoyisa akuleli nokushoda kwezinsiza nakho kunomthelela ekubhebhethekeni kwalezi zigameko.
“Ukungaqeqesheki kwamaphoyisa ngokwanele kuholela ekutheni noma amacala engaya enkantolo, afike achithwe, kuthiwe ubufakazi abanele. Kufanele amaphoyisa ethu aye kothekela ulwazi kwamanye amazwe ukuthi khona benza kanjani. Ubuchwepheshe bethu nabo abukho sezingeni.
“Uma amaphoyisa ehluleka ukubopha abantu abayingxenye yobugebengu kwenza ukuthi abantu baqhubeke ngoba bayazi ukuthi bazolokhu bephunyuka.”
Ukwanda kwezigameko zokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, sekuholele ekutheni uphiko lwentsha kwinhlangano yabahlali, iSanco Youth Congress, luphakamise ukuthi kube noxhaso oluzotholwa izinkedama ezidalwa ilolu dlame.
Umgqugquzeli walolu phiko KwaZulu-Natal, uMnuz Thulani Gamede, uthe kunenqwaba yamalungu alolu phiko asale engenabazali ngenxa yodlame.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, akazange ayiphendule imibuzo ayithunyelwe ngalolu daba.