KUKHONJWA ngenjumbane abesilisa asebekhulile abanganqeni ukushaya iphakethe bakhiphe imali abadlisa ngayo kubafundi abaqashile basezikoleni zaseNkandla.
Lokhu kuvele eMbizweni YaMadoda ebibanjelwe ehholo lomphakathi waseThalaneni, eNkandla.
Ngokusho kwesikhulu sophiko lwePrimary Health Care (PHC) esibhedlela saseKhombe, uMnuz Lawrence Khoza, sithe sibalelwa ku-25% isibalo sentsha yakulesi sifunda ekhulelwa ineminyaka ephakathi kuka-15 no-19.
Uthe intsha ayigcini ngokukhulelwa kodwa igcina isitheleleka ngegciwane lengculazi.
"Siwu-50% isibalo sentsha efika lapha ikhulelwe okugcina kutholakale ukuthi isihaqwe yisifo sengculazi."
UKhoza uthe iningi lezingane ezibhekana nale ngwadla ngabafundi abahlala emiqashweni.
"Njengoba kwaziwa ukuthi ezikoleni zaseNkandla izinga lokuphasa liphezulu, abazali abaningi baletha izingane zabo ukuba zizothola imfundo engcono. Njengoba zihlala emiqashweni zisuke seziziphethe, sezenza noma yikanjani. Yilapho amadoda anemali esebenzisa ubuthakathaka bazo ngoba ezinye zisuke ziphuma emindenini engamile kahle.
Zisuke zingazitholi zonke izidingo emakhaya bese ama-blesser ethola intuba yokuzixhaphaza ngokocansi."
Kuthiwa abantu abanemali abaheha abafundi ngezimpahla ezibizayo nempilo entofontofo.
Uthe okunye okubuhlungu ukuthi izingane ezisuke ziqala ukubeletha, azifuni ukusebenzisa izivikelo ngoba zinenkolelo yokuthi ngeke zisabathola abantwana.
UKhoza uthe yize kunjalo kodwa njengesibhedlela banazo izinhlelo zokunqanda lesi sihlava.
Usonhlalakahle wakwaSA National Council on Alcoholism and Drug Dependence (Sanca), uNksz Cebisile Zungu, ukhale ngokusetshenziswa kwezidakamizwa. Unxuse abazali ukuthi bayeke ukuthumela izingane ukuba ziyothenga utshwala nezidakamizwa ngoba zigcina sezidlwengulwa yimilutha.
Ubuye wadalula ukuthi kunemilutha emibili esanda kudlwengula umfana yaze yamnquma ubuntu bakhe.
UNkk Zonke Shazi-Hlongwane, wenhlangano esiza abazali ekutheni bakhulise izingane Ikusasa Ngelami, uthe izingane ezineminyaka ezingaphansi kweminyaka engu-18 zisuke zisadinga ukuba ngaphansi komzali.
"Ukuba sendaweni engalona ikhaya zisezincane kwenza ukuthi zizithathele zona izinqumo noma zizithole zenza into ebezingayithandi ngoba zibona ezinye zenza ngoba zisuke zingakabi naso isibindi sokuthi zime ekutheni azikwenzi okuthile. Uma zibona bebaningi abakwenzayo futhi kubunobumnandi nokuphila ntofontofo maningi amathuba okuthi ziheheke ngoba akekho umzali ozikhalimayo nozinika izeluleko," kusho uNkk Shazi-Hlongwane.
Uthe lokhu ngeke kufaniswe nokuthi ingane ifunda eboarding school ngoba yona inemithetho elawula abafundi kanti emqashweni asikho isakhiwo esifana naleso esisungulwe sisuselwa emthethweni ovikela abafundi.
IMeya yakuMasipala waseNkandla, uMnuz Mbhekiseni Biyela, ikhale kakhulu ngezinga lokuphuzwa kotshwala ngabantu besifazane kule ndawo. UBiyela uthe amajoyinti amaningi asegcwala abantu besifazane kunabesilisa. Ubuye wadalula ukuthi imililo esishise imizi eminingi eNkandla ibaselwa ngabantu abasuke bedakiwe, ikakhulukazi yisiqatha.
Nenduna yasesigodini saseNgwegweni, uMnuz Sphelele Ngidi, ithe uphuzo lubhubhisile kubantu abaningi baseNkandla.
Phakathi kwezitatanyiswa ebezikhona kungabalwa amakhosi asendlunkulu, izinduna namakhansela.
Kulo mcimbi kusukume wonke umuntu ngesikhathi sekunandisa ompetha besicathamiya, iZulu Messengers kanti uhlelo beluphethwe ngobuchule umsakazi weJozi FM, Vusizwe Langa.