UYAQHUBEKA umkhankaso wamaphoyisa wokuphepha nokuvikela izakhamuzi ngamaholidi okuphela konyaka osuvundulule nezigelekeqe ebekade zifunwa uthuli.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe baqinise nesandla ekunqandeni izingozi zomgwaqo ngezivimbamgwaqo abanazo ezithe chithi saka.
Ngokwezibalo zoMnyango wezokuThutha kuzwelonke, bangaphezu kuka-700 abashone ezingozini zomgwaqo esikhathini esingamasonto amathathu kuDisemba 2023.
Kusukela ngoDisemba 22, amaphoyisa abophe abashayeli abangu-2 500 abebephuzile. Esikhathini esifanayo bangu-850 abantu ababoshelwe ukudlonya ezikaFaro bese besusa uthuthuva emphakathini.
“Sifuna ukuqinisekisa ukuthi imoto esemgwaqweni ikulungele nokuthi umshayeli wayo usesimweni esamukelekile. Sibophe abebeshayela bephuzile abangu-4 488 kusuka ngo-Okthoba 15,” kusho uBrig Mathe.
Mayelana nokutshalwa kwamaphoyisa ngoNcibijane, uthe bayazi ukuthi yisikhathi esiphithizela kakhulu ngakho zizoqiniswa ezokuphepha.
Uthe izakhamuzi nabavakashi kumele bazizwe bephephile uma besenxanxatheleni yezitolo nasemgwaqweni.
Ukhiphe isixwayiso kwabahweba utshwala ngokungemthetho ethi bazozalelwa yinja endlini.
“Izidakamizwa notshwala yizona ezinomthelela omkhulu ezenzweni zobugebengu obuyingozi. Yingakho sizoqina isandla ekulweni nesihlava sobugebengu banoma yiluphi uhlobo,” usho kanje.
Uthe amaphoyisa asebenza ngokubambisana nezinye izinhlaka zezokuphepha emphakathini.
Ube esenxenxa abantu ukuba bahlale beqaphile futhi basebenze ngokubambisana namaphoyisa ekusabalaliseni ulwazi oludingekayo ukuze kuliwe nobugebengu ngempumelelo.
Kuphinde kwaxwayiswa abahweba ngeziqhumane nabantu abazobe bezisebenzisa ukuba abakwenzayo bakwenze ngokukhulu ukuqikelela nokucophelela.
UBrig Mathe unxenxe abazali nabanakekeli bezingane ukuba baqinisekise ukuthi bayazigada uma zisebenzisa iziqhumane.
Amaphoyisa athi umkhankaso wawo ulwa nokungena eNingizimu Afrika kwabofika abangenazo izincwadi ezibagunyaza ukuba kuleli futhi baqinisa ezokuphepha emingceleni yezwe besebenzisana namasosha, uMnyango wezaseKhaya nabanye.
Bangu-11 000 abokufika asebeboshelwe ukuba kuleli nokungemthetho. Baxhakathiswe ezinxanxatheleni zezitolo, ezivimbamgwaqweni, emarenki nakwezinye izindawo.
Sebebonke bangu-75 000 abantu ababoshwe ngamaphoyisa kusuka ngo-Okthoba.
Abawu-500 ngamacala okubulala, abangu-604 ngawokuzama ukubulala, kuthi abangu-470 ngawokudlwengula.
Abantu abangu-6 700 baboshelwe amacala okushaya ngenhloso yokulimaza.
Ababoshelwe amacala okuzama ukugqekeza bangu-408 kwathi abangu-561 baboshelwa ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.