USUNEMEYA entsha umkhandlu omkhulu wase-Eastern Cape, iNelson Mandela Bay, emva kokuketulwa kwemeya ye-ANC.
Obeyimeya ye-ANC, uNkk Eugene Johnson ukhishwe ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe, emhlanganweni womkhandlu odonse ubusuku bonke.
Umhlangano womkhandlu odonse amahora angu-17, ube usuqoka ikhansela leDA, uMnuz Retief Odendaal ukuba yimeya entsha.
U-Odendaal uqinisekiswe ekubeni yimeya entsha ezintathakusa, izolo.
Bese kunesikhathi eside uNkk Johnson elengelwa yizembe.
Isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe safakwa ngamaqembu aphikisayo, okubalwa kuwo i-ACDP, AIC, UDM, PAC namanye.
UNkk Johnson usolwa ngokwahluleka ukuphatha ngendlela umkhandlu.
Ngesikhathi kuvotelwa isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe amakhansela angu-62 asesekile, kwathi angu-58 asiphikisa.
Emva kokukhishwa kukaNkk Johnson, kube sekuvotelwa imeya entsha.
U-Odendaal wehlule uMnuz Wandisile Jikeka, we-ANC, ngevoti elilodwa njengoba ethole angu-60, kwathi uJikeka wathola angu-59.
U-Odendaal akamusha emkhandlwini.
Waba yikhansela okokuqala emkhandlwini ngo-2009.
Phakathi kuka-2014 no-2018 wuyena owayehola inguyazana yeDA emkhandlwini akuwona.
Phakathi kuka-2016 no-2018 wayengusihlalo womnyango kamgcinimafa nesabelo sezimali emkhandlwini, ngaphambi kokuthi iDA ikhishwe ekuwuphatheni.
Ekhuluma nabezindaba emva kokuqokwa kwakhe, u-Odendaal uthe muningi umsebenzi obahlalele.
“Ngeke sizikhohlise, umsebenzi osihlalele mkhulu kakhulu. Mningi umonakalo owenzekile kulesi sikhathi esedlule. Yisikhathi sokuthi silungise wonke umonakalo.”
U-Odendaal uthe okubalulekile wukubona ukulungiswa kwenkinga yamanzi endawenni abayakhele.
“Ezinye zezinkinga zamanzi esibhekene nazo sizifake thina kuzona. Kunezinhlelo zokufaka amanzi ezavele zamiswa ngaphandle kwesizathu. Okubalulekile njengamanje wukuthi senze isiqiniseko sokuthi lezi zinhlelo ziyaqhubeka. Sifuna nokuthi kulethwe ochwepheshe abazosilekelela ekubhekaneni nenkinga yamanzi.”
U-Odendaal uzibophezele ekusebenzisaneni namaqembu amancane.
“Kungokokuqala ukuthi kube nesivumelwano sokusebenzisana esiphakathi kwamaqembu amaningi kanje. Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi akuzukuba lula ukusebenzisana. Kodwa sonke sizimisele ukubeka eceleni ukungaboni ngasolinye, sisebenzele abantu baseNelson Mandela Bay.
“Iqiniso wukuthi wonke amaqembu ezepolitiki ayabona ukuthi i-ANC ngeke ilunqobe ukhetho lwango-2024. Lokho kusho ukuthi kuzokuba nohulumeni wokubambisana emva kokhetho. Yingakho wonke amaqembu ezepolitiki efuna ukusebenzisa leli thuba ukukhombisa ukuthi angakwazi ukuba yingxenye yohulumeni wokubambisana.”