LIPHENYWA yithimba elisesigabeni sikazwelonke icala lokubulawa kwekhansela leNFP KwaNongoma.
Ikhansela uNtombenhle Mavis Mchunu oneminyaka engu-75 uficwe wukufa esemzini wakhe eBethane ku-ward 18 entathakusa ngeSonto.
Ukuhlaselwa kwakhe kuthuse abaningi, neqembu lakhe imbala. UMchunu obengusihlalo wophiko lwabesifazane khona KwaNongoma ushone ujuqu, kwathi ingane ebikhona ekhaya ethole emachaphazela, yasinda yize ibangwa nezibi esibhedlela.
UBrigadier Athlenda Mathe okhulumela amaphoyisa kazwelonke uthe amaphoyisa aphuthume endaweni yesigameko ngezithuba zawo-1.00 entathakusa.
“Amaphoyisa afike endaweni yesigameko ikhansela selithule. Ingane ethelwe amachaphazela iphuthunyiswe esibhedlela isesimeni esibucayi kakhulu.
UBrig uthe licala lidluliselwe ophikweni oluphenya udlame kwezepolitiki ezweni lonke.
“Leli thimba linikezwe izinsiza kusebenza ezifanele ukuphenya ngokubulawa kwekhansela leNFP.
Kuphenywa icala lokubulala nokuzama ukubulala