KUGWENYWE ukuvalwa kukathelawayeka uN3 ngaphansi kwebhuloho iLynnfield obekuhlelelwe ukuthi kwenziwe ngoLwesithathu emini.
ISouth African National Roads Agency (Sanral) yayimemezele ukuthi uN3 uzovalwa isikhashana ngo-2.30 kuya ku-3 emini ngoMsombuluko nangoLwesithathu, ukuze kuqhunyiswe ngaphansi kwebhuloho.
Yathi kuzovalwa nomgwaqo uR103.
Imenenja yakwaSanral, uJason Lowe, ithe ngeke sisaba khona isidingo ngakho umgwaqo ngeke usavalwa.
"Ukuqhunyiswa okwenziwe ngoMashi 11, kube yimpumelelo futhi bekwanele ukuze kuqhutshekwe nomsebenzi kuR103," kusho yena.
Uqhube wathi bayaxolisa kubashayeli ngokuphazamiseka futhi bayababonga ngokubekezela njengoba kuqhubeka nokwakhiwa komgwaqo.