UMNUZ Mzwandile Masina we-ANC usehoxile embangweni wesikhundla seMeya eMkhandlwini waseKurhuleni.
Ekhuluma nezintatheli, uMasina ukuqinisekisile ukuhoxa kwakhe, wathi wehlulwa ngesikhathi ezama ukungenela ihlandla lesibili.
“Ngebhadi, sengiliqedile ihlandla lami leminyaka eyisihlanu. Ngesikhathi ngisazama ukungenela ihlandla lesibili, ngehlulwa ngakho-ke sekuyisikhathi sokuthi ngigxile kwezinye izinto zombutho. Awukwazi ukuthi uma uwumuntu ulokhu ubambelele entweni eyodwa,” kusho uMasina.
Ukuhoxa kwakhe kuza emva kokuthi amakhansela omkhandlu ematasa, ezilungiselela ukuthi aqoke imeya entsha kulandela ukukhishwa kwemeya yeDA, uNkk Tania Campbell.
Ukuhlala komhlangano kugcine kuhlehliselwa isonto elizayo lapho kulindeleke ukuthi kuphinde kuzanywe ukuthi kukhethwe imeya entsha.
UNkk Campbell ukhishwe ngeledlule ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe.
Yize kunjalo, uNkk Campbell kulindeleke ukuthi aphinde alimele iqembu lakhe kwesobumeya ngethemba lokuthi uzophinde akhethwe.
Ngaphambi kokuthi uMasina ahoxe, kube nomhlangano obuphakathi kwe-ANC ne-EFF lapho okuvunyelwane khona ngokuthi i-ANC izokweseka ukuthi ikhansela le-EFF libe yimeya.
Phakathi kobunye ubuholi obuqavile obebukhona kulo mhlangano usihlalo we-ANC eGoli uMnuz Panyza Lesufi nosekela mengameli we-EFF, uMnuz Floyd Shivambu.
Kunokuqagela okukhulu kokuthi ikhansela le-EFF kulo mkhanldu uNkululeko Dunga, ophinde abe usihlalo wayo eGoli kungenzeka akuthole ukwesekwa kwi-ANC ukuthi abe yimeya yomkhandlu.
Ngokunjalo, kulindeleke ukuthi i-EFF emkhandlwini waseGoli yeseke uMnuz Dada Morero we-ANC ukuthi aphinde ahlwithe esobumeya kwi-DA.