IHOXILE imantshi ecaleni lephoyisa elisolwa ngokudubula libulale izintombi zalo ezimbili KwaNyuswa, eThekwini, ngenyanga edlule.
Bekulindeleke ukuthi uConstable Mlungisi Blessing Sikhakhane (27) afake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yasePinetown kodwa uvele wafaka isicelo esiphuthumayo sokuthi imantshi esingethe icala, uWayndalynn Robinson, ishenxe.
USikhakhane, ngomlomo wommeli wakhe, uMnuz Minoj Harripersad, uthe ubaba womunye wabagilwa, uMnuz Oscar Msomi, usebenza kuyo le nkantolo ngakho ubona ezocindezeleka.
Imantshi ikhombise ukumangala ngokushiwo wuSikhakhane kodwa yasamukela isicelo sakhe, yashenxa ecaleni elihlehlisele uLwesine.
USikhakhane usolwa ngokudubula abulale ayethandana nabo, u-Enhle Majozi noSthembile Ngobese, lapho ayehlala khona.
Kwatholakala amagobolondo ezihlamvu angu-11, bobabili abagilwa bahlonzwa njengabashonele endaweni yesehlakalo.
USikhakhane uzogcinwa esitokisini kuze kube ubuyela enkantolo ezofaka isicelo sebheyili.
Ngaphandle kwenkantolo abantu bebebhikisha bephethe izingqwembe ebezinemibhalo elwa nodlame olubhekiswe kubantu besifazane nasezinganeni.
Laba bantu bafuna inkantolo ukuthi incishe ibheyili uSikhakhane.