KUBALWA amahora kushaye usuku olubhekwe ngabomvu lombhikisho we-EFF. Iqembu lifunga liyagomela ukuthi kuzoya ngamagama enkehli ngombhikisho wayo, wokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa ehle esihlalweni.
I-EFF ithembisa ukumisa kwasani kusasa, ikhala ngokuthi uRamaphosa kufanele ehle esikhundleni nodaba lokucima kukagesi nezinye izinkinga ezikhungethe izwe.
Izinhlaka zomthetho zimemezele ukuthi zimi ngomumo ukubhekana nanoma yisiphi isimo sokwephula umthetho. UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ubehambele eThekwini, KwaZulu-Natal ngoMgqibelo eyokhomoza amaphoyisa.
Abafundi beSolezwe ngeSonto ekhasini leFacebook banikwe ithuba lokubeka imibono yabo ngesiphakamiso se-EFF kodwa bakhona abathi ibambe ngakho, abanye bathi yimbudane le ngoba ngemuva kwayo konke kuzoqhubeka njengokujwayelekile, bagxeka i-EFF ngokuzidlalela ipolitiki nje.
UFlorence Longwe ubona ngendlela ehlukile, uthi akaboni ukuthi kukhona okuzolungiswa wumbhikisho.
“Angiyiboni kahle indaba yokujoyina lo mbhikisho kaMalema. Lona nje ufuna ukufeza izinhloso zakhe ngathi. Sangenela lo mbhikisho nizobona ukuthi kuyokwenzakani, kuzokhuphuka ukudla, wugesi nophethrol. Into nje ekufanele siyenze asilinde u-2024 siyovota. Yikhona okuyoxazulula izinkinga zethu. Eyombhikisho angivumelani nayo, iyosishiya sikhala,’’ kusho uFlorence Longwe.
USboniso S Magagah uthe sekuyisikhathi sokuthi kube nomnyalezo, bakhathele ngabantu. Wuhulumeni ohlulwa wukulungisa izinkinga zezwe.
“Njengezakhamuzi zaseMzansi sesikhathele yilo hulumeni wenkohliso, osixhaphazayo. Ngithi azikhale! Ngiyayeseka i-EFF anginendaba nokuhlanya kwayo kodwa lokhu kusidinga sonke, siyeke ukuba ngamaxoki,’’ kusho uSboniso S Mgagah.
UZanele Ndaba uthe ukubhikisha kufana nokuthela amanzi emhlane wedada nje ngoba ngeke kulunge lutho emuva kwawo.
“Kuyafana nje. Ngeke aphume uRamaphosa futhi nogesi usazohamba. Ayikho into ezolungiswa yilo mbikisho,’’ kusho uZanele Ndaba.
USapho Mnguni uthe kufanele ngabe wonke umuntu wakuleli ushiya phansi konke, aseke umbhikisho wakusasa.
“Kufanele ngabe wonke amaqembu ezepolitiki nomphakathi bayaweseka lo mbhikisho ngoba kuhlalwa kugxekwa uRamaphosa ngenkinga kagesi.
Sekungaba yihlaya-ke ukuthi khona abangasawuseki futhi umbhikisho, mhlawumbe ngoba nakhu ungaholwa yiqembu labo,’’ kusho uSapho Mnguni.