BAHLONIPHA ukuzinikela kwamaphoyisa abesifazane ekulweni nobugebengu KwaZulu-Natal, njengoba kuqhubeka imigubho yenyanga yabesifazane kuleli.
Emcimbini wangoLwesibili KwaDukuza, uNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi esifundazweni uMnuz Sipho Hlomuka, uthe kuyakhuthaza ukubona kwanda abesifazane emkhakheni wamaphoyisa esifundazweni.
Inkulumo ebihlelwe nguHlomuka, yethulwa yiMeya kuMasipala waKwaDukuza, uNksz Lindile Nhaca, ngemva kokuthi uHlomuka kudingeke aphuthume komunye umsebenzi. Inkulumo ithi uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, unabesifazane abangu- 49,14% emazingeni okusebenza kanti bangu- 48,72% abasezikhundleni zokuphatha.
“Njengengxenye yohlelo lwethu lokwakha amathuba emisebenzi iS’thesha Waya Waya, oluqale ngesikhathi ngiqokelwa kuleli hhovisi, bangu-172 abesifazane abasezikhundleni zokuphatha ngokwehlukana kwazo kulo mnyango. Umnyango uyaqhubeka nokuphucula izinga lokuqasha emaphoyiseni ngoba kumanje sinabesifazane abangu- 238, abaqashwe ngaphansi kophiko iRoad Traffic Inspectorate, nolwePublic Transport Enforcement Services,” usho kanje.
Uthe umnyango ugijima ngesivinini ukuvala izikhala ezivulekile ophikweni i-RTI nolwePTES kanti kuvele sekukhangiswe izikhala ezingu-430.
Ukubungaza abesifazane abasemaphoyiseni kuqale ngesivimbamgwaqo kuN2 Tongaat Plaza ekuseni, kwalandela umviliyelo obuholwa amaphoyisa esifazane obubheke eBandla Hotel and Conference Centre, bekunomcimbi.