I-IFP izohlinzeka ngamabhasi angu-35 ukuthutha abantu abasuka eThekwini naseGoli ,ukuya oLundi, lapho kuzobe kutshalwa khona umsunguli we-IFP, umntwana uMangosuthu Buthelezi otshalwa ngoMgqibelo.
Lokhu kuqinisekiswe yiPhini likaNobhala waleli qembu uMnuz Albert Mncwango izolo.
“Sizwile ukuthi ibutho lakithi izinsizwa ziyasuka eThekwini naseGoli, kukhona esizihlinzeke ngakho kokuhamba okungamabhasi angu-35. Uhulumeni akasihlinzekanga ngalutho kokuhamba ngakho ke lokhu kuhlinzekwe yi-Prince Mangosuthu Foundation neqembu i-IFP, njengoba ubengumengameli wokuhlonishwa aphinde abewumsunguli weqembu,’’ kusho uMncwango.
Uthe amabhasi azosuka eThekwini naseGoli kusasa.
UMncwango unxuse amabutho azohambela ukufihlwa kukamntwana ukuthi angafiki inkonzo isiphakathi futhi agweme uphuzo oludakayo.
Lokhu kuza emva kokuthi kuthe ngoLwesibili abahlali basehostela KwaMashu bevuke umbhejazane bavala umgwaqo omkhulu uMalandela, befuna ukuthi bahlelelwe ngezokuthutha ukuyohlonipha okokugcina lo mholi.
Ecacisa ngokuzokwenziwa ngesikhathi kufihlwa umntwana, uMncwango uthe ibhokisi lizokwamukelwa amabutho ukulidlulisela enkundleni yezemidlalo i-Prince Mangosuthu lapho kuzobe kuqhubeka khona inkonzo yokumfihla, nokuyilapho lizodluliselwa embuthweni wamasosha ozobe usuqhubeka nomsebenzi njengoba ezohlonishwa ngomngcwabo osesigabeni sokuqala sikahulumeni.
USihlalo we-IFP KwaZulu Natal uMnuz Thami Ntuli uthe abantu abahlala emahostela bangabantu abebesondele kakhulu enhliziyweni kaShenge.
“Emhlanganweni ebesinawo sikuxoxile lokhu abakhala ngakho ngoba siyakuhlonipha kakhulu. Abantu abahlala emahostela bebeseka kakhulu uMntwana, kungekhona kuphela ngokweqembu kodwa nangomsebenzi wakhe esizweni ngokuba wundunankulu kaZulu,” usho kanje.